Kukhalazwa ngokubandlululwa kwesiSuthu eNcome

Umphakathi wase-Manqoleni eThelezini ugxeka ukubandlululwa kolwimi lwesiSuthu emidlalweni ye-Recociliation Day eSigcina Magugu Sase Ncome.

Umphakathi wase-Manqoleni eThelezini ugxeka ukubandlululwa kolwimi lwesiSuthu emidlalweni ye-Recociliation Day eSigcina Magugu Sase Ncome.

 
Njengoba kade zibondiwe kukuhle kudelile kulesikhungo ngoLwesithathu olwendlule lwe-Reconcilation Day bekunomcintiswano wosomaciko bomculo wesintu owehlukahlukene, kodwa amaqembu o-Mohobelo kanye no-Mokgibo bathi uhlelo lomgubho luyababandlulula.

 
Omama abangabalandeli baseThelezini esigodini saseManqoleni bathi imidlalo yesiSuthu incishwa isikhathi esenele mihla yonke, bathi udaba kudala belubika emihlanganweni yekomidi kodwa kuthiwa “Isizulu asifani nesiSuthu” kusho uMmanthuseng Molefe (58) waseHoqo ohola iqembu lo-Mokgibo. UMmanthuseng uthelezi izinhlelo abazithola phansi koMkhandlu, kodwa ikhansela eliphethe kulendawo lithi izinhlelo zomgubho waseNcome azihlangani ndawo noMkhandlu.

 
Umama wase-Thelezini esigodini saseManqoleni ongumlandeli weqembu langakubo uMmaMtlatsi uthe “Uma sibandlululana sodwa thina abebala elimunyama, amabhunu azowelela kanjani ngaphesheya komfula?”
Uthi okunye okumuphathe kabi inkulumo yeNkosi uMolefe engalalelwanga muntu njengoba iningi lifike ngezikhathi zasemini iNkosi isiqedile.Kukhalzwe ngokuthi imidlalo yesiSuthu inikezwe imizuzu emihlanu ekubeni imidlalo yesiZulu inikwe imizuzu engaphezu kweyishumi.

 
“Thina sazi ubandlululo olulodwa eNcome, okuyi-Bridge elehlukanise abamnyama nabamhlophe okulungiswayo, kodwa manje siphoxeke kakhulu ukuthi siphathwe ngaloluhlobo ngoba singabeSuthu. Yibona ubulungiswa okhulunywa ngabo eNcome lobu na?.” Kusho uMmaMtlatsi Motloung.

 
Bathi nemiklomelo yabo abayinikezelwanga ngendlela ebagculisayo ngoba kunikezwe ababizwe kamuva sesibiziwe sezibiziwe thina. Bathi bakholelwa ukuthi lokhu kwenziwe ngamabomu ngoba akukwazi ukushiywa abangaphambili kuthathwe abangemuva. “Sifike kuqala kodwa futhi yithi esigcinile ukuphuma ebusuku sesingenazo nezimoto zokuhamba.”

 
Ohola Iqembu lo-Mokgibo eManqoleni uMmayatiso Motloung (43) naye ukuqinisekisile ukuthi lesigameko asibaphethe kahle waphinda wakuveza ukuthi “lento iyinhlalayenza ngoba sabatshela ngaphambili komcimbi kodwa bathi isiSuthu asifani nesiZulu. Lento thina asiyazi ichaza ukuthini. IsiSuthu sincane IsiZulu sikhulu.”
Sibuze ikhansela lika Ward 15 u-Rapelang Motloung ukuthi ngabe kukhona akwaziyo wathi wazi isikhalo semiklomelo futhi usidlulisele phambili, kodwa ucabanga ukuthi yiso isikhathi sokulungisa uhlelo lwase-Ncome.

 
Uqhube wathi yena ngokolwazi lwakhe ziyalingana zonke izilimi zase Ningizimu Africa, umthetho uthi yonke into kumele ziyithole ngokulinganayo. “Ukuncisha abanye isikhathi kuyiphutha lelo, kusaqhuba uMotloung.”
Kulonyaka eNcome bekunengqungquthela ekhuluma ngobunye ekwahlukaneni (Unity in Diversity) manje kungakapheli nezinyanga ezimbili idlulile Ingqunqguthela kuvela uphawu olubonisa ukuthi kusekude phambili nakubaholi makukhulunywa ngobunye ekwahlukaneni kanye nokulingana.

 
Lezigameko zikhombisa ngokusobala ukuthi abahleli balomncimbi abaziqgiziqakala izinto ezisemqoka ezisuke zidingidwa kuleNgqungquthela ye-Courageous Conversation. ENingizimu Africa ziningi izinto ezihlelwayo ukuhlanganisa abantu njengokubonakala, kwemidlalo yeshashalazi esikhumbuza ngezimiso zalolo suku, abaculi bezizwe nezilimi ezahlukehlukene behlanganyele ndawonye nabalandeli babo kanye nokunye okuningi njengoSonkondlo. Baningi osomaciko bendawo abahlala bekulindele futhi bekucijele ukwenza lemidlalo eNcome, kodwa abahleli baloMgubho abazimisele ngokusebenzisana nabo kusukela eminyakeni emihlanu eyedlule.

 
Omunye wosomaciko uveze ukuthi usebenzise imali yakhe yokugcina eqasha imoto ukuba ayobukisa ngomsebenzi wakhe wezandla, kodwa waphoxeka uma ethola ukuthi abahleli balomgubho babengabahlelelanga indawo yokubukisa ngemisebenzi yabo. “Ngavela ngaphelelwa amandla futhi uma ngibona omunye usomaciko endlale phansi umsebenzi wakhe duze nomama abadayisa oswidi, ngabona lapho ukuthi kufana nokuchitha isikhathi nemali kwi-Courageous Conversation eNcome.” Kusho usomaciko ongathandanga ukudalula igama lakhe.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.
Exit mobile version