Izilokotho zika Khisimuzi

Kumnandi kona ukuba selokishini ngokhisimuzi...

Isikhathi samaholidi kaKhisimuzi singezinye eziletha okukhulu ukujabula kanye nokudumala ebantwini abaningi.

 

Ngoku jabula ngiqonde ukuthi:  imindeni eminingi iyahlangana ukuzogubha ukhisimuzi ndawonye.

 

Obhuti nosisi base ‘maGoli’ bayehla babuyele emakhaya. Laphoke abashana bayazi bazothola amanandinandi  avela komalume no ‘Ncane’ okanye abazali babo uqobo. Umphako kungaba ukudla, izimpahla zokugqoka ezisesitayeleni okanye amathoyizi, kodwa kukhona abazokuthola.

 

Ngalesikhathi imindeni iyabuyisana, njengoba eminye ivakashelwa nayizihlobo zazo eziqhamuka kude nazo eziseduze. Kodwa konke lokhu akuzi mahhala, kuhamba nemali eshisiwe njengoba ukudla, izimphahla nacho kubiza imali.

 

Baningi abantu abaqeda imihholo yabo ngokuba bajabulise abanye abantu ngazo izipho. Kanti futhi imizi eminingi kuba yisona lesikhathi lapho ikwazi ukuthenga izibiliboco engazijwayele ukuze nabo bajabule ngalesikhathi. Abanye basebenzisa amabhonasi ukwenza lokho akade befisa ukuba nacho unyaka usahamba.

 

Ingakho kunesitokfela zokudla kanye nemali ezihlukanisa ngaso lesikhathi sika December.

Kuma Social Network uzwa ngakho “ke December Boss” lapho izithombe ezifakwayo yizo ezotshwala, amaparty kanye nobumnandi.

Kudilizwa amakhethini, kugezwe izindonga ubonoke ukuthi uKhisimuzi usufikile. Konke lokhu akuwona amahhala, kuyimali ebomvu.

 

UDecember uza nokuningi impela kodwa abaningi baphaphama ngoJanuary bengasenalutho. Kwazibiliboco lezo zisuke sezingasabonwa. Umuntu aze afise nokulanda izipho azithengela abantu azithengise athole imali.

 

Ngalo usuku lomhlaka 25 December, uma ungena radio usenkingeni ngoba akumqhudelwano kudlalwa izingoma zesimanje.  Izitiladi zonke ziba nalomuzi engizothi iwona omele istradi okwaziwayo ukuthi kunomgongo, abantu abonqeni nokubolekisa ngamacd’s, okanye ama USB  aqhukethe inqwaba yomculo  wesimanje ukuze bazolalela izingoma ezidumile zesimanje.

 

Izingane zona ziqhudelana ngezimpahla zokugqoka ezwe nabantu abadala bezibiza befuna ukuzibona ukuthi zithengelweni okukakhisimuzi.

 

Abasanomusa basabanika abantwana amaswidi ukubajabulisa kodwa kulemihla ukwenza lokho sekungakudalela ‘amazinyo abushelelezi.’ Abantu bangakubheca ngokuthi ‘usufuna ukubulala ingane yabo,’ okanye kuthiwe ‘uzwe kuthiwa siyalamba yini?”

 

Kumnandi kona ukuba selokishini ngokhisimuzi , lowo moya wokudla okuconsisa amathe, umculo, umdanso kanye nokubamuhle ugeze  kwenza lolusuku lube luhle.

Exit mobile version