‘Phansi ngokubulawa kwamaphoyisa phansi!’

'Abantu 'balume indlebe'amaphoyisa ngezigilamkhuba..."

Umkhankaso wokulwisana nokubulawa kwamaphoyisa ububanjelwe eGlencoe lapho bekuzokhaliswa khona izihlobo zamaphoyisa akuleli aba yizisulu zokubulawa emsebenzini. UMnuz M Mhlungu oyilunga lomphakathi uyena obengumhleli, lapho ebememe izikole zakulendawo ukuba zibe inxenye. Abafundi base Glencoe Primary, Amakhemfundo kanye ne Mpisini bebekhona bengenele umjaho wokuhamba (fun-walk) obusuka ezinkundleni zemidlalo eSithembile wayophelela e-Rugby stadium.

Ngemuva komjaho kwethulwe izinkulumo eziduduzayo ziphinde zigqugquzele ukulwisana nobugebengu ezweni laseSouth Africa. Kubabazwa ngesihluku esesidumise lelizwe kabi ngokubulala amaphoyisa iningi lawo abulawelwe emsebenzini ezosiza emiphakathini, amanye ahlaselwa izigilamkhuba. Izikhulumi zithi “sekwanele ngokubulawa kwamaphoyisa.”

Lomkhankaso obungande nganani elitheni labantu ubuhanjelwe izikhulu zamaphoyisa aseGlencoe kanye ne Dundee zihambisana no Mnuz Zondi wehhovisi lika Ngqongqoshe, uWillies Mchunu, woMnyango wezokuthutha, ukuphepha nokuxhumanisa komphakathi kanye no uMnuz Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal. Izikhulumi zikugxeke kakhulu ukubulawa kwamaphoyisa kuleli, kanti futhi zanxusa ukuba umphakathi kanye namaphoyisa kubambisane ukulwa nobugebengu.

UMnuz Mhlungu uthe inhloso yalomcimbi ukuzokhalisa uNgqongqoshe uMchunu ngokubulawa kwamaphoyisa. Uthi “amaphoyisa aqashelwe ukuba yiso lomphakathi ngakho ke uhulumeni ngeke abeke isitha ukuba sibheke abantu bakhe njengoba nabantu bengeke babeke isitha ukuba sibenguhulumeni obaholayo” kusho uMhlungu.

Uqhube wathi, “ukubulala umuntu akukaze kwaba isixazululo nanini.”
UMnuz Zondi ongu Senior Manager emnyangweni kaNgqongqoshe uWillies uthi eNingizimu Afrika amaphoyisa asawenza umsebenzi wawo uma eqhathaniswa nawakwamanye amazwe lapho kuqhuma khona inganono imini nobusuku.

Ubeke wathi unembeza usekhona kubantu baseSouth Afrika kodwa njengomnyango bafuna ube ngu 100%. Izikhulumi ezifakazelane ngokuthi izidakamizwa izona ezihamba phambili ekwenzeni ubugebengu nokuthiwa kumele iNingizimu Afrika ithandazele lesisimo ezidlange entsheni.

IKhansela le wadi, uLungile Mbhele, naye uyihlabile eyokukhulekela lelizwe kanye nentsha ezibandakanya nobugebengu. Uphinde wakhomba kuwo amaphoyisa wathi nawo awaqinisekise ukuthi ngaphakathi kuwona akubikhona abasebenzisana nezigebengu ngoba”kunzima umphakathi ukuthi wasize abomthetho uma nabo besebenzisana nezigilamkhuba.”

Ebhekise kubazali namalunga omphakathi uMbhele uthe “kunini thina njengomphakathi siwavikela amaphoyisa? ukusho lokhu eveza ukuthi umphakathi uma usenkingeni ufuna amaphoyisa phambili kodwa wona mawenza izinkinga ugxeka amaphoyisa.

Uqhube wathi “ngemuva kwephoyisa kukhona umuntu ongubaba, ubhuti, ingane, umama okanye usisi emndenini wakhe. Uma kubulawa iphoyisa kusuke kubulawa umuntu uqobo onomndeni naye osuke umdinga,” kuchaza uKhansela.

Ugxeke abazali ‘ngokufukamela’ izingane zabo ngisho zenze okubi. Uqhube wathi abazali ibona abavuna imikhuba emibi ezinganeni zabo benze ukuthi abomthetho babe izitha emphakathini.

UMbhele uthi “izwe ngeke libuseke ngaphandle komthetho, ngakho ophule umthetho kumele ajeze.” UMajor Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal unxuse ukuba abantu ‘balume indlebe’amaphoyisa ngezigilamkhuba kanye nezibhamu ezingekho emthethweni. Inombolo yamahhala ongayishayela ‘ukuluma’ amaphoyisa indlebe ngaphandle kokuba uzidalule ithi: 08600 10 111.

Exit mobile version