Kuqhakambiswa amasiko eNcome

Umnyango wezamajele uthathe usuku ubungaza usuku lamagugu lapho ojele bebehlobe ngezimvunulo ezahlukene ukuqhakambisa amasiko abo. Ukudla obekuphekiwe okunhlobonhlobo nakho bekuvumelana nalomcimbi. uncome ubuhle bemvunulo ebidle ubhedu washo nokuthi kuyajabulisa ukubona abantu ukuthi sebeyaqonda ukuthi izimpahla ezithize zemvunulo ziyangezigaba wakhuthaza ukuba abantu bangagcini ngokwazi izigaba kepha bafunde nokuzisho ngamagama azo afanele. Ukhuthaze ukuba abantu bavakashele izigcina …

Umnyango wezamajele uthathe usuku ubungaza usuku lamagugu lapho ojele bebehlobe ngezimvunulo ezahlukene ukuqhakambisa amasiko abo.

Ukudla obekuphekiwe okunhlobonhlobo nakho bekuvumelana nalomcimbi.

uncome ubuhle bemvunulo ebidle ubhedu washo nokuthi kuyajabulisa ukubona abantu ukuthi sebeyaqonda ukuthi izimpahla ezithize zemvunulo ziyangezigaba wakhuthaza ukuba abantu bangagcini ngokwazi izigaba kepha bafunde nokuzisho ngamagama azo afanele.

Isikhulumi sosuku u-Dokotela ZF Mhlungu.

Ukhuthaze ukuba abantu bavakashele izigcina magugu ezikhona eMzinyathi ukuze abantu bafunde ngomlando walelizwe baphinde badlulisele lololwazi kwizizukulwana.

Uthe indawo yaseNingizimu Africa inothile ngamagugu okuyi mvelo, izilimu ezahlukahlukene kanye namaSiko esintu. Uthi “asiqhakambise ubuhle bamasiko ethu ukuze sizoheha izivakashi.” Unxuse ukuba abantu babuyele ezintweni ezinhle ebezenziwa kudala ebeziqhakambisa Ubuntu, ukuthembeka, inhlonipho kanye nokuthelelana amanzi.

Iqembu elizibiza ngaMabutho ngesikhathi linandisa ngezingoma zalo zesintu.

Uthi “asiziqhenye ngobuthina sazi ukuthi uma simunye sizokwazi ukuqhakambisa ubuzwe bethu. Sithi siyizinhlanga ezahlukahlukene ezweni lakithi kodwa singasuki emasikweni ethu, sihloniphane omunye nomunye ngezinkolelo zethu ezahlukene.”

Ecaphuna enkulumweni kaSekela Mongameli uCyril Ramphosa asanda kuyethula kweminye yemicimbi yokugujwa kwamasiko lapho ethi “izwe laseMzansi Afrika liqhakambisa izizwe ezahlukene kodwa ezihlangene lokhu kuvezwa iflege lesizwe kanjalo neculo lesizwe likuveza ngokusobala ukuthi iSouth Africa isabalele ngezilimi, amasiko kanye nezinkolelo.”

UMnuz MB Xulu ngesikhathi esho izibongo zelembe uShaka Zulu.
Exit mobile version