Bagxeka isibhedlela ngobudedengu

Umtwana kuthiwa uzalwe engenankaba kodwa ugogo uthi lokhu kuyaxaka ngoba umlezane iwona oxhumanisa umama nengane esiswini.

Baphumele obala abesifazane bokudabuka e-Nquthu mayelana nobudedengu nokunganaki kwabahlengikazi noDokotela besibhedlela i-Charles Johnson Memorial, eNquthu emagumbini okubeletha. UNqobile Hadebe (21) ongowoku dabuka esigodini sase-Sandlwana khona e-Nquthu nongumama ka Awande osenezinyanga ezimbili nowasinda ngokulambisa ngemuva kokuba odokotela bemusike inongwane amathumbu aphumela ngaphandle.

UNqobile uthi wazibonela ngawakhe amehlo ingane yakhe iphuma amathumbu ngaphandle eqeda kuteta. Wayetetiswa nge operation ngomhlaka June 10 ayivuma ngoba udokotela emchazele ukuthi inhliziyo yengane yakhe ishaya kancane. Okwenza lentombazane izwe ubuhlungu ukuthi akukho ncazelo anikezwa yona ngabahlengikazi yokuthi ingane ayina nkaba kepha “umtwana wami wayesephuthunyiswa e-Nkosi Albert Luthuli ngigaziswanga ukuthi usenale nkinga.” Ubonga umshayeli we-ambulensi owanqaba ukuhamba nengane ekubeni unina ebengakayiboni. “Ukube akumshayeli we-ambulensi owaba qotho ngabe ingane yami yandluliselwa eThekwini ngingayibonanga inkinga yayo.” U-Awande kuyimanje ulashwa esibhedlela i-Greys. Kuthiwa u-Awande akalali ebusuku ‘uyadlikiza’ akhale izinhlungu.

UGogo ka Nqobile, uBangeni Mazibuko (64) uthi ujabhile ngesenzo sabahlengikazi ababeke impilo yomzukulwana wakhe encupheni. Uthi kudala kubelethwa futhi kubelethiswa ezibhedlela kodwa akaze ezwe kuthiwa kunengane ezalwa ingena nongwana nenkaba bese kuthiwa idaliwe. Uthi “umlezane iwona oxhumanisa umama nengane esiswini, unina womtwana uphakela ngawo umtwana ukudla,” kusho u-Mazibuko ngokuthukuthela.

Naye ukhala ngokuthi njengomuntu omdala akaziswanga ngokwakuqhubeka ngomzukulwana wakhe. Uthi waze wazenzela yena imizamo yokuxhumana nesibhedlela nokuyilapho umphathi axolisa khona wavuma ukuthi kunephutha elenzekile khepha wathi uzobiza abahlengikazi nodokotela nabo bazixolisele, “kodwa kuze kube imanje sisalindile.”UNqobile ucela noma ubani ongabasiza bangenelele ngoba ingane iyahlupha abasazi benzenjani. Uthi “nasemtholampilo eNquthu asitholi usizo sikhonjwa esibhedlela i-Greys.”

Ubaba ka-Awande uNduduzo Mkhonza uthi bacabanga ukuvula icala, mhlawumbe bazonikezwa incazelo egcwele enkantolo ngoba isibhedlela sicashe ngesithupha. “Sicela noma ubani ongasixhumanisa nabameli sivule icala.” Kusukela ngenyanga ka May kulonyaka zimbili izingane esezendlule emhlabeni kulesibhedlela ngenxa yokushaywa indiva ababelethisi, kanti ngo June owesifazane wopha waze waphelelwa amandla emva kokubeletha nokwagcina ngokuba aphuthunyiswe emtholampilo wase Newcastle.

Akuqali ukuba kube nezigameko ezithusayo kulesibhedlela njengoba ngo May intombazanyana uSindiswa Mtshali (18) wasesigodini sakwa-Nyezi, khona e-Nquthu, uthi wabeletha ingane yakhe ngaphandle kosizo lwaba hlengikazi. Uchaze wathi “bashaywa indiva ngabahlengikazi yena nenye intombazane ababezobeletha nayo kulesibhedlela. “Ingane yami yaphuma yayo wela phansi ngekhanda, yashonela khona lapho,”kusho uSindiswa. Umama wakhe, uFikile Ntuli (39) uthi lesigameko sabahlukumeza kakhulu kanti nesibhedlela sagcina ngokubatshela ukuthi ingane ishonile ngaphandle kwencazelo ephathekayo.” Isibhedlela sithintiwe kodwa akekho ofune ukuphendula ngalezigameko.

Exit mobile version