Sebenekhaya abaziqhenya ngalo

Amaprojects enziwa uMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo ekusizeni imiphakathi entulayo.

Umndeni wakwa Jiyane obuhlala emkhukhwini wakhelwe umuzi osezingeni ongamagumbi amane, bakhelwa umnyango wezokuHlumeleliswa kwezimilo wase Ncome. Kuthathe izinyanga ezinhlanu ukuba lomuzi uphothulwe, kanti izingqinamba bezikhona njengoba umnyango ubuncike kubaxhasi ngokubanikelela ngezinto zokwakha.

UMnuz Zikhali ongu Area Manager ejele lase Ncome kanye neMeya yaseNdumeni, uMahaye, bezovula ngokusemthethweni indlu ka Sizakele Jiyane osesithombeni.

UMnuz Zikhali ongu Area Manager ejele laseNcome uthe, umnyango wabo awunayo imali yokuthenga izimfanelo zokuqhuba umsebenzi kepha banawo amakhono okwenza imisebenzi ikakhulukazi edinga izandla, nathe yenziwa iziboshwa ezigcinwe ejele labo. Uthe leziboshwa ziyaqeqeshwa ngaphakathi ejele kanti bathemba ukuthi noma ziphuma zizokwazi ukwenza umehluko emiphakathini yangakubo.Unxuse kakhulu osomabhizinisi ukuba balekelele ekwenzeni umehluko ezimpilweni zabantu uma umnyango wabo uzocela usizo kubona.

Izikhulu zomnyango wezokuHlumeleliswa kwezimilo ngesikhathi zitshala engadini ekhaya kwaJiyane emcimbini wokuvula lomuzi ngokusemthethweni.

Ngalolusuku abasebenzi basejele kanye neziboshwa bahlonishwe ngezitifiketi ekubeni ingxenye yokuphothula lomsebenzi wokwakhela umndeni wakwa Jiyane ikhaya. Lo msebenzi ungomunye wamaprojects umnyango esaqhubeka iwenza. UMnyango wezamajele KwaZulu Natal usuwakhe izindlu ezilinganiselwa kwishumi esezinikelelwa nakubanikazi bazo.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.
Exit mobile version