communityLocal newsNews

Bakhelwe ikhaya ngokusizwa umnyango wezamajele

Iziboshwa ziklonyeliswe ngezitifiketi ngokwakha umuzi wakwaJiyane KwaLuvisi, eNquthu.

Izinyembezi zenjabulo zigcwale amehlo ngesikhathi enikezelwa ngendlu obehlala emkhukhwini nabantwana.
UNksz Sizakele Jiyane wasendaweni yakwaLuvisi, eNquthu, yena udadewabo kanye nabantwana babo abane balale endlini yesitini okokuqala emva kwesikhathi behlala emkhukhwini obuyigumbi elilodwa.
UNksz Jiyane oneminyaka engu 31, yena nodadewabo baziphilisa ngokubamba amatoho kanye nemali yesibonelelo sikahulumeni ukondla umndeni wabo kanti impilo ibinzima kakhulu ngoba bebengakwazi ukuzakhela ikhaya.

Ukwakhelwa kwabo umuzi kusho impilo engconywana futhi enesithunzi njengoba sekuphelile ukuhlala emakhazeni asebusika kanye nokunethwa izimvula zasehlobo.
Umuzi abakhelwe wona unamagumbi amane, uvulwe ngokusemthethweni uMnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo waseNcome.

Ngokusho kwaloyo ongu Area Manager, uMnuz Zikhali, umsebenzi wokwakha lelikhaya usukela ekutheni lowo ongu Regional Manager, uMnuz Nxele, ngonyaka odlule walayela abasebenzi bejele lase Ncome ukuba abakhe imizi kulendawo yaseBaqulusini njengezinye zezinhlelo ezenziwa ilomnyango ukusiza abampofu nokwenziwa minyaka yonke.

Ukuqalwa kokwakhiwa kwendlu yakwaJiyane kuqale lapho ” uMnuz Vusi Khoza ongasekho, nowayeyisisebenzi emnyangweni ebesi sebenza kakhulu ngomphakathi ngamaprojekthi athinta umphakathi ngimlayele ukuba afune umuzi esingawusiza.”

UMnuz Khoza uyena owabe esebuya nempendulo yokuthi ukhona umuzi wakwa Jiyane oswele odinga ukwakhelwa. ” UVusi wabe esethembisa ukufuna abaxhasi njengoba umnyango wethu uvele awunayo imali yokwenza lemisebenzi sithembela kubaxhasi,” kuchaza uZikhali.

NgoMeyi kulonyaka waqalaumsebenzi wokwakha uze waphothulwa ngoSeptember ngenxa yezinqinamba zokubuye kuswelakale izinto zokwakha kodwa “ngokubambisana nosomabhizinisi bendawo kuze kwaphumeleleka.” UZikhali uthe sebakhe izindlu eziyishumi kwaZulu Natal kanti lomsebenzi uyaqhubeka ngoba “singumnyango siyababona abantu bakithi basaswele.”
Akugcinanga lapho umndeni wakwa Jiyane uphinde wanikezelwa ngefanisha ilona ijele ngokulekelelwa ngabanye babaxhasi.

Kanti kuqalwe nengadi ukulekelela lomndeni ukuba ungasweli okuya ngasethunjini.
Umdeni wakwa Khoza ubukhona njengoba uVusi ehlonishwe kakhulu ngeqhaza alibamba ekwakheni lomuzi. Kuphindwe kwanikelwa ngezitifiketi kwithimba lase jele okungabasebenzi kanye neziboshwa ezibambe iqhaza kulomsebenzi kanjalo nabaxhasi abashiywanga ngaphandle.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button