communityLocal newsMunicipalNewsPaparazziYouth Revolution

Kuqopheke umlando kowamagugu

Kuqopheke umlando ngesikhathi kubumbana ama-Afrika emcimbini wokugujwa kwamasiko eNquthu.

Kuqopheke umlando eNquthu kugujwa usuku lwamagugu obuhlelwe ngumnyango wasekhaya nezokuvakasha lapho bekuhlangene khona amalunga omphakathi wase Nquthu kanye nabaphuma emazweni angaphandle kwaseNingizimu Afrika.

Mbuso Molefe ongu LED Manenja ethula izihambeli zosuku.
Mbuso Molefe ongu LED Manenja ethula izihambeli zosuku.

 

 

Lomcimbi obuseqhophelweni ububanjelwe ehholo lomphakathi i-VA Makhoba kanti nabakade benandisa bebephuma ezinhlangeni ezahlukene. Bashiyelane inkundla betshengisa ngemidanso yamasiko abo. Bekukhona abaseGhana, Burundi kanye nama Ethopians nababonise ukuwuthakasela kakhulu lomcimbi. UMnuz Abraham Argwa, ongokudabuka e-Ethopia uthi ujabule kakhulu ukuba inxenye yale nqophamlando. Uthi “sonke siyafana futhi simunye njengoba singama Afrika.” Yena nozakwabo bathembise ukubuya ngonyaka ozayo befake eyabo imvunulo iphelele.

Obhuti bokufika abangama Ethopian benza umdanso wabo. Right: Mbuso Molefe ongu LED Manenja ethula izihambeli zosuku.
Obhuti bokufika abangama Ethopian benza umdanso wabo. Right: Mbuso Molefe ongu LED Manenja ethula izihambeli zosuku.

Oyimenenja emnyangweni, uMnuz Mbuso Molefe, uchaze wathi bengabantu baseNquthu, eMzansi Afrika, bangama Afrika futhi bazoqhakambisa ubu Afrika babo. “Abantu bokufika sesiphila nabo la eNquthu nabo babiza lendawo njengamakhaya abo, ngakho ukubamema kulomcimbi ukuzo bonisa ukuthi simunye futhi sizokwazana kangcono manje.” “Yonke into eyenzeka eNquthu iyabathinta nabo njengoba behlala lapha. Uqhube wathi “ngalomcimbi sizothi futhi phansi ngokuhlukunyezwa kwabokufika, asifisi kuphinde kube nezigameko zokubahlasela kulendawo yaseNquthu.”

Intsha esagcina amasiko ayo beyenza umdanso wesiSotho obizwa ngokuthi ke mohubelo.
Intsha esagcina amasiko ayo beyenza umdanso wesiSotho obizwa ngokuthi ke mohubelo.

 

Izikhulumi zifakazelene ngokuthi ihlonipho ayihambe phambili kubantu, bazigqaje ngalokhu abayikho ngamasiko abo ngoba angamagugu. INkosi uMncube ukhulume kabanzi ngomlando wamaZulu, owesizwe esinsundu kanjalo nokuhlobana kwamasiko nenkolo yobukhrestu. Uphinde wachaza ngempilo yabantu abamnyama baseNingizimu Afrika nemilando eyaholela ekutheni kuze kufike ubandlululo kuleli. Uthi “uNkulunkulu usithanda kakhulu isizwe sase Afrika futhi isona ebesisondelene naye kakhulu.” Lokhu uthi kufakazelwa umnotho i-Afrika enawo ngezemvelo kanye nezimbiwa phansi.

UMeya Molefe kanye nezimenywa ezibuya ezweni laseGhana ezingabahlali baseNquthu.
UMeya Molefe kanye nezimenywa ezibuya ezweni laseGhana ezingabahlali baseNquthu.

Uthinte umlando wokubhala athe “ngendlela amaAfrika abusiswa ngayo ukubhala kwaqala ngawo endaweni yase Gibhithe. Uqhube wathi imincele into eyayingekho e-Afrika eyafika nabamhlophe ngakho ” abantu base Africa noma befika kuleli bakhe kulungile ngoba vele imincele yafika nabezizwe yayingekho.” Utshele inkundla ukuthi into eyayi xhumanisa abantu abamnyama nomdali kwakuyisiko okoyilona elinamandla ekutheni abantu abamnyama bathole lokho abakudingayo.

Izakhamuzi zaseNquthu ezibuya ezweni laseGhana nazo bezihambele lo mcimbi.
Izakhamuzi zaseNquthu ezibuya ezweni laseGhana nazo bezihambele lo mcimbi.

 

Uthi “uma abantu abamnyama bengabuyela emasikweni abo, konke kuyobalungela futhi akekho umuntu omnyama owayehlupheka kudala, umuntu waye siselwa uma engenalutho.” Uthi usiko lokuqala labantu abamnyama inhlonipho. “Inhlonipho e-Afrika inguwona khiye ovula yonke iminyango. Isikhali abamhlophe abasehlula ngaso isiko lethu lokuba sisondelane nomdali,” kubeka iNkosi uMncube. Enkulumweni yakhe wenabele ibandla ngathe izinto ezinhlanu abamhlophe abafika nazo “nekumele thina sizilungise ukuze sizokwazi ukubuyela kumdali.”

Ngesikhathi kunikezelwa Amakhosi ngezipho. INkosi uMncube ngenye yamaKhosi ahlomule ngesipho.
Ngesikhathi kunikezelwa Amakhosi ngezipho. INkosi uMncube ngenye yamaKhosi ahlomule ngesipho.

Uthi okokuqala uvalo, ukuzingabaza, ukudideka, imincele kanye nenzondo, izona zinto abamhlophe abazifaka esizweni esimnyama ukuze bakwazi ukuphatha lelizwe, nanamhlanje abantu abamnyama ezisababusa. “Konke lokhu kumele sikulungise, izwe lethu silibuyisele uzinzo sibe nobuntu, sitshale inhlonipho emiphakathini ,”kusho iNkosi uMncube. Umcimbi uvalwe ngokuba kunikezelwe ngezipho kwizihambeli zosuku. Amakhosi, amaKhansela, iMeya bebeyinxenye yalomcimbi.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button