“Ikhaya elilodwa, ingadi eyodwa”

'Sifuna ukuba isibonelo esihle emphakathini waseNquthu sungagcini ngokukhuluma kepha nathi senze.'

Umphakathi waseNquthu kuward 14 usuzokwazi ukuhlinzekwa ngama-vagetables anomsoco kulandela ukuqalwa kwezingandi emahhovisi e-Community Workers Programme (CWP). Abasebenzi be CWP kulendawo baqale izingadi lapho betshale khona ama-vegetables ,okubalwa kuwo iSipinashi, ikhabishi, u-anyanisi kanye no-beetroot, ukuze balekelele umphakathi oswele wakuleli wadi.

Community Workers Programme employees outside their offices where they have started gardens to assist needy families around Nquthu.

 

UMnuz Jack Mbuyiseni Mathenjwa ongu Safety officer kulelihhovisi uthi ukubakhona kwalengadi emagcekeni ehhovisi labo kuzoletha omkhulu umehluko, abantu emphakathini bazobona ukuthi abashumayeli nje kubona kuphela ukuba balwe nendlala kepha nabo bazoba isibonelo.Uthi lama-vegetables azonikezelwa leyomindeni entulayo, ikakhulu uma kubanjwe imigubho lapho abantu baphinde banikelelwe ngama-food parcels.

Down to work in a new garden are the ladies of the Community Workers Programme in Nquthu.

Uqhube wathi abantu abangazihluphekisi bazilalise ngendlala abaqale izingadi emakhaya. “Abantu abashintshe izingadi zezimbali bazenze ezama-vegetables ngoba izimbali azikhiqizi ukudla,” kuphetha okaMathenjwa. Uthi baqhubezela uhlelo lukasukuma sakhe luka one-home-one-garden emakhaya.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Stay in the know. Download the Caxton Local News Network App here.
Exit mobile version