‘Ojahidada’ bafundiswa ngamanzi

Kubalulekile ukonga amanzi emakhaya, ezikoleni noma ngabe umdala noma umncane.

Bekungusuku olungajwayelekile kojahidada be nkulisa i-Enkanyisweni esendaweni yakwa Luvisi, eNquthu ngesikhathi uthisha wabo ebavakashise endaweni lapho kukhona khona ithangi eliphakela amanzi kulendawo yaseNquthu.
UNontokozo Mthembu, ofundisa kulenkulisa uvakashise abafundi bakhe kulendawo ebizwa ngeTerminal Reservoir ukuzobonisa abafundi bakhe ithangi lamanzi njengoba ubebafundisa ngamanzi, nokubaluleka kwawo emiphakathini. Abafundi abagcinanga nje kuphela ngokutshelwa ngokubaluleka kwamanzi kepha baphinde baxwayiswa nangobungozi bokunga wongi, banxuswa ukuba bawonge emakhaya abahlala kuwo kanye nasezikoleni. Ongumsebenzi wakulendawo uNkk KM Motloung nguyena obebabonisa lapho amanzi afike adonswe khona ephuma emfuleni uMzinyathi ezothelelwa ethangini. Uphinde wabonisa abafundi nendlu lapho ehlanzwa khona ngaphambi kokuba athelelwe emiphakathini. Abafundi abagcinanga nje ngokuzwa ngethangi kepha bazibonele bona mathupha ngalento akade befundiswa ngayo. Inkulisa i-Enkanyisweni isebenzela esakhiweni esiyisonto lebandla lama Luthela lakulendawo yaKwaLuvisi. Abasebenzi bakhona bathi impatho bayayithola emakholweni kodwa bangakujabulela ukuba babe nesabo isakhiwo abangasebenzela kuso. Nakuba uxhaso lwezimali beluthola kodwa alwanele ukuba bangazakhela idlu yokufundisela.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.
Exit mobile version