“Izisebenzi ze N-COR FM ziqhuba ipolitiki”

Akafunanga ukuphawula ngokuboshwa kwakhe kulandela inxabano equbuke phakathi kwakhe nalowo onguTechnical Manager, uMnuz Fana Bhengu.

Abasebenzi bomsakazo i-Nquthu Community Radio (N-COR) bagcine bebuyele emsebenzini nakuba izikhalo zabo zingaka lungiswa.
Labasebenzi okubalwa kubo izintatheli kanye nabasakazi baduba ukusebenza emavikini andlule kulandela ukunganeliseki kwabo ngenkontileka abayinikwa uMphathi siteshi, uMnuz TN Khanyi okuthiwa ivuselela ukuba baqhubeke basebenze njengamavolontiya kulomsakazo.
Bathi bona ngeke bakwenze lokho ukuba basayinde lenkontileka futhi bafuna ukubamba umhlangano naye umasiteshi ukuzodingida loludaba.UMnuz Khanyi uthe ngeke kujike ukuthi bangamavolontiya njengoba lomsakazo kungumsakazo okuyilapho umphakathi uthola ukuqeqesheka khona uphinde ubavulele namathuba kweminye imisakazo emikhulu. Uthi i-N-COR ingumsakazo wokuqondisa ithalente lomuntu ukuze iziteshi ezinkulu uma zifuna abantu zibatomule emisakazweni efana nalena sebeqeqeshekile.
OkaKhanyi uthi lesiteleka sabasebenzi besingekho emthethweni kanti futhi akekho kulabasebenzi oweza kuye wazokhuluma naye ngenkontileka. Uthi iqeqebana nje labathize abaqhuba ipolitiki abangafuni ukusebenza ngoba becabanga ukuthi kukhona izimali ezidliwa nguyena. Uphinde wabeka ukuthi inkontileka lena abanikeza yona ikubeka ngokusobala ukuthi bazothola imali eyisitayiphende (stypend).”Akukho mali engayithola mina ukukhokhela abasakazi.”U-R1,4 million okwaxhaswa ngawo isiteshi kwakungo wezi-studio ezimbili ezikhona. Uqhube wathi i-Media Development and Diversity Agency (MDDA) iyona eyakhokhela u-service provider ukwenza izi-studio, yafaka nemishini yokusebenza, mina ngenza ama-qoutations nje kuphela, akukho nesenti eleza kimi,” kusho uKhanyi.
Akafunanga ukuphawula ngokuboshwa kwakhe kulandela inxabano equbuke phakathi kwakhe nalowo onguTechnical Manager, uMnuz Fana Bhengu.
Uthe “lokho kusenkantolo ngeke ngikwazi ukukhuluma nabephephandaba ngakho,”kubeka uKhanyi. Ukuphikile ukuthi akaziphathi kahle izisebenzi zakhe kanti uthi akukho akangakwenzi ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle ebasebenzini bomsakazo.
“Ngaqasha umuntu ozolanda izisebenzi kepha abanye bezisebenzi bafuna ukuthi balandwe ngesikhathi sabo.”
Ebuzwa ngokubamba imihlangano nabasebenzi uthe u-Programme director kanye nabasakazi bayayibamba imihlangano nalapho ivuleleke khona ukuthi abasakazi bafake neyabo imibono kepha uthe yena akahlali nabo njengoba isikhathi esiningi usuke esebhizinisini lakhe i-Nquthu Multi-Media. “Umuntu engikhuluma naye kakhulu u-Programme Director okuyena odlulisela kubasebenzi.” Uthi okuyikona okwenzakalayo emsakazweni ukuthi abantu bafuna ukwenza intando yabo bangalandeli imigomo yokusebenza kwesiteshi njengokwe mvume yesiteshi okumele basebenze ngayo ephuma kwa Independent Communications Authority of South Africa (ICASA) nathe ikhona okwenza kube nokungazwani kahle nezisebenzi ngoba azifuni ukutshelwa umazenza okungalungile. Uthi umsebenzi wokusebenza kwesiteshi kuqaphwa i-Santech ngakho abanye babasebenzi bafuna ukufaka ezabo izinhlelo ezingagunyaziwe.
UKhanyi uthi umsakazo kumele ngabe ubhekelele ezenkolo kuphela kepha wakukhuluma nabakwa Santech ukuba kubhekelelwe nezinhlelo zentsha ukuze wonke umuntu ezoneliseka emsakazweni nokuyinto eyenzekayo kulomsakazo.
Okusanda kuvela ukuthi lesiteshi besinga dlali ngempela sonto kulandela inkinga yemishini, kodwa ilungisiwe saqala ukusebenza futhi ngoMsombuluko.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.
Exit mobile version