communityLocal newsNewsSpeak Out, Khuluma, PraatYouth Revolution

Izinkinga zihlasele emsakazweni i-N-COR

Abasebenzi bomsakazo bakhala ngokunga phathwa kahle ngumphathi wabo.

Abasakazi kanye nezintatheli zomsakazo omusha wase Nquthu, i-Nquthu Community Radio eyaziwa nge N-COR, ngamafuphi, badube ukusebenza kulandela ukungaphumeleli kokubamba umhlangano nomasiteshi wabo uMnuz TN Khanyi. NgoLwesithathu ekuseni abasebenzi balomsakazo bagcwale ngaphandle kwehhovisi lika Mnuz Khanyi elikwelinye lamabhizinisi akhe, i-Nquthu Multi-Media, ukuzo zama ukukhulumisana naye ngenkontileka obekumele bayisayinde ngoLwesibili.

Labasebenzi badube ukusebenza bathi ngeke babuyele emsebenzini baze baba nomhlangano nomphathi wabo. Bakhala ngokuthi inkontileka abanikezwe yona kuthiwa ivuselela ukuba baqhubeke babe ngamavolontiya kulomsakazo nokuyinto abathi bona ‘ngeke baqhubeke bayenze’njengoba nabo beza njalo emsebenzini bezigibelela. Bathi futhi baphuma nasebusuku kodwa abahanjiswa emakhaya. Baphinde bakhala nangendlela umphathi wabo abaphatha ngayo, bathi ‘abayithokozeli neze.’ Bathi abazi ukuthi kumele ezinye izinto bazi bike kubani, nakuba bekhona abantu ababekwa uyena umphathi kodwa bona abazi ukuthi labo bantu basebenzela kuphi.

Bathi futhi baphuma nasebusuku kodwa abahanjiswa emakhaya. Baphinde bakhala nangendlela umphathi wabo abaphatha ngayo, bathi ‘abayithokozeli neze.’ Bathi abazi ukuthi kumele ezinye izinto bazi bike kubani, nakuba bekhona abantu ababekwa uyena umphathi kodwa bona abazi ukuthi labo bantu basebenzela kuphi.

Okunye abathi kuyabaxaka ukuthi uMnuz Khanyi awukho umsebenzi angawenzi, kusukela ekucosheleni izindaba kuya ekuthuleni izinhlelo.
“Wenza yonke imisebenzi asazi ukuthi umgumphathi onjani omthola ecoshela izindaba, aphinde azosakaza khona emsakazweni,” kusho umsebenzi.Labasebenzi bathi futhi yena uMnuz Khanyi makunezinkinga bemubikela ubatshela ukuthi labobantu okuthiwa ‘bayizikhulu’ kulomsakazo abaqashwanga uyena.

“Lokhu thina njengabasebenzi kuyasidida, asazi ukuthi kanti kumele sibike izinto kubani,”kuchaza umsebenzi esiligodlile igama lakhe.”
Sisebenza nangempelasonto kanti futhi sivele sibizwe nje esikhaleni singazi, njengoba kungekho ngisho i-schedule yokuthi singena kanjani” kusho lomsebenzi. Uqhube wathi abakaze nangelilodwa selokhu wavulwa lomsakazo babambe umhlangano nomphathi wabo.
“Asazi ukuthi sisebenze kanjani, akuhlaziywa lutho kulomsakazo siyasebenza nje ngokubona kwethu akukho nowodwa umhlangano esake sawubamba nomphathi.”

Bathi labasebenzi abayithandi indlela uMnuz Khanyi abaphethe ngayo kanti futhi nje bona ebebekucela kuyena ukubamba umhlangano naye”, kuchaza bona. Ngaphandle kwase Nquthu Multi-Media, lapho abasebenzi bebelinde khona uMnuz Khanyi ngoLwesithathu wafika ezishayela ‘ngonyawo lonwabu’ wabuye waziphumele kubonakala ukuthi akakushayi ndiva ukugcwala kwabasebenzi bomsakazo ngaphandle kwebhizinisi lakhe.”Lokhu kwenza kwakhe kuyabonisa ukuthi akanandaba nathi,” kusho abasebenzi.

Lentsha esebenza emsakazweni yabe isinquma ukungalubhadi emsebenzini nokuthiwa uMnuz Khanyi uyena obezibambela zonke izinhlelo zomsakazo njengoba bekuteleke izisebenzi ‘esizwa ngamanye amalunga okuthiwa awebandla lakhe.’ UMnuz Fana Bhengu okunguyena okuthiwa uTechnical Manager, akatholakalanga ocingweni lwakhe njengoba beluvaliwe. Kanti futhi noMnuz Khanyi ubengatholakali ngeviki elendlule, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Uphindwe wazanywa kuleliviki, kodwa ucingo lwakhe beluvaliwe, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Related Articles

Back to top button