Ihambe ngesizotha imashi ye-COSATU

Kuthiwa izisebenzi zesibhedlela iCJM eziqashwe inkampani ethize ngaphakathi azisayiniswanga izinkontileka zokusebenza.

Inhlangano emelele abasebenzi endaweni yaseNquthu, i-Congress of South African Trade Unions (COSATU), ihlangane namanye amalunga ezinyonyane ezahlukahlukene ezingaphansi kwalesambulela se- COSATU amashele esibhedlela i-Charles Johnson Memorial (CJM) kanye nasemahhovisini esiyingi soMnyango wezemfundo ukuyozwakalisa izikhalo zabasebenzi.
Laba basebenzi bebezohambisa uhlu lwezikhalazo kwiziphathi mandla zoMnyango wezeMpilo kanye nowezeMfundo kulandela ukungaphatheki kahle kwezinye zezisebenzi eziphethwe ileminyano yomibili.
Lemashi ibingo mhlaka 19 February. Kuhlu lwezikhalazo ebeluhanjiswe kwizikhulu zesibhedlela i-CJM, kuveziwe ukuthi kuhlongozwa ukuvalwa kwekholishi yokufundela ubuhlengikazi kulesi sibhedlela. Akade behola imashi baveze ukuthi kulonyaka akuzange kubhaliswe noyedwa umfundi kulelikolishi. Bathi lokhu kungabhaliswa kwabafundi kwenziwe ngaphandle kokuxoxisana nabathintekayo.
Okunye okubaluliwe ohlwini kube ukungavunyelwa kwabafundi kulelikholishi ukuba bamelelwe izinyonyana zabo umabezoqondiswa izigwegwe. Okube undabuzekwayo udaba lokuhlukumezeka kwabasebenzi abaqashwa inkampani thizeni. Ohlwini lwezikhalazo kubaliwe ukuthi abasebenzi balenkampani abaphathwa ngendlela futhi basebenzela imali encane kanti basebenza amahora amaningi abaphinde bangakhokhelwa. Kuthiwa nezinkontileka abaqashe ngazo abanikiwe. Abamashi bathi bacela ukuba labo basebenzi abaxoshwa ilenkampani babuyiselwe ngokushesha bese lenkampani iyayekiswa ukusebenza. Kukhalazwe nagamahlebezi okuqhashwa kwabantu ngobuhlobo kulesibhedlela. Kuvele ukuthi abantu bendawo nabahlala ezindaweni ezisondelene neNquthu abanikezwa umsebenzi kulesibhedlela ngisho nemisebenzi edinga umuntu onesitifiketi sikamatikuletsheni nje kuphela. “Singeke sivume nizenzele umathanda kulesibhedlela ngoba ngesabantu”, kusho uMnuz Vusi Khoza.
Abaphathi bezemfundo bona bafundelwe uhlu lwezikhalazo lapho kubaliwe khona ukungaholelwa ngesikhathi kothisha betoho kanye nalabo akade bebambele abanye. Kuphinde kwavezwa nokuthi kunothisha bokufika abafundisa ema-High Schools abaphulelwe izinkontileka zabo kanti bafundisa izifundo ezibalulekile okuyi -Science kanye ne -Maths. Echaza ngalokhu uMnuz Fana Mthembu uthe ” uhulumeni wakhipha umthetho wokuthi othisha basezikoleni zamabanga aphansi nje kuphela okwathiwa izinkontileka azingavuselelwa labo abafundisa emabangeni aphezulu basangaqhubeka nokufundisa” kuchaza uMthembu. Uqhube wathi lokhu kuxoshwa kothisha kuletha inkinga enkulu ngoba abafundi ikakhulukazi bakamatikuletsheni bayalimala njengoba bengatholi ukufundiswa. UMnuz Mthembu uphinde wahlaba inkinga yokuphakelwa kwezingane nathe ibangwa ukungakhokhelwa ngesikhathi kwabaletha ukudla. Banxuse umnyango ukuba ubhekelele zonke izinkinga baphinde bakhalaza nangokunganxeshezelwa kothisha abafundisa ezikoleni zasemakhaya.

Exit mobile version