Kufundiswa intsha ngamalungelo ayo

Usuku lokububgaza isifo sengculaza lusetshenziselwe ukuphinde kufundiswe intsha ngamalungelo ayo.

Umkhandlu waseMzinyathi ubambisene nethimba lika Sukuma Sakhe bebebuthene esigodini sakwaNkalankala eNquthu, ukuzobungaza usuku lokulwisana nesifo sengculaza okuwusuku olubungazwa umhlaba wonke. Ngalo lolusuku lomhlaka December 01 baphinde babungaza nalezo zinsuku lokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
UMnuz Sethenjwa Thusi oyi Senior Co-Interpriter ophuma kuMnyango wezobulungiswa uthi emnyangweni asebenza ngaphansi kwawo bayaye bahambele izikole bafundise izingane ngamalungelo azo nanokuthi asetshenziswa kanjani. Uthi “abanye abantwana bazithola sebeduba amakhaya ngoba bethi banamalungelo, kodwa bebe bengazi ukuthi asetshenziswa ngayiphi indlela.” Uqhube wathi “akekho umntwana onelungelo lokudelela, nelo kuzibandakanya ezidakamizweni kanye nokuya ocansini eneminyaka engaphansi kuka18,” kubeka uMnuz Thusi. Unxusa abazali ukuba bangahlukumezi izingane zabo balibalwe izinto ezingalethi nqubekela phambile empilweni yabo.
UMnuz Ntokozo Buthelezi ophuma eNquthu Aids Center utshele akade bethamele lomcimbi ukuba inhlonipho iqala ekhaya. Uthe echaza “kumele kuqalwe ukubukelwa inhlonipho kusukela ekhaya ngoba kweminye imizi kuhlezwi lubhojozi,ngenxa yabazali abango ‘ndlovu kayiphikiswa’, izingane azikwazi ngisho ukubika umakukhona ezikwehlakalele umzali uvele abhoke ngolaka angalindi nokuthi umtwana aqede inkulumo yakhe, kusho uButhelezi.
UButhelezi ugqugquzela abazali ukuba bazibandakanye izingane ezinhlelweni zasekhaya ezifana nemicimbi. Uthi “lokho kwenza umtwana azizwe ekhululekile. Uqhube wathi nanoma bayothengela abantwana izimpahla mababuzwe ukuthi izingane zifunani nokutshengisa ukuhlonipha amalungelo azo. Uthi lokhu kuzo nciphisa lokuhlukumezeka okwenzeka hlangothi zombili.
Ngokuzama ukwakha imiphakathi ephusile uMnuz Buthelezi ube esecela iMans Forum yakhona endaweni yaseNquthu ukuthi ike izame uhlelo lokuhlanganisa nabanye besilisa abangaphansi kweminyaka ewu35 bafundiswe ngezindlela zokuziphatha kubunjwe amabutho akusasa azovikela isizwe.
UMhlengikazi e-Charles Memorial Hospital uNksz Tholakele Zwane ephawula uthe”kubaluleki ukuthi kusetshenziswe izindlela zakudala zokuhlonipha abantu besimame ngoba babengaphathaphathwa isinoma kanjani. Uthi “umuntu wesifazane wayehlala enesithunzi, futhi kwakungekho lokhu hlukunyezwa osekwenzeka mihla yonke le.” Uphinde waveza nezinye izindlela zokuhlukumeza amalungelo abantwana nokubalwe kuwo ukungaba sizi ngomsebenzi wabo wesikole kanjalo neminye imikhuba eshaqisa umzimba kanye nokubabukisa amafilimu abantu abadala.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.
Exit mobile version