communityLocal newsLocal sportNewsSpeak Out, Khuluma, PraatSportYouth Revolution

Kucwile iManchester kwasinda u’Mkhumbi’

Kuthuthukiswa amakhono abadlali bebhola eNquthu.

Bekutholene phezulu amaqembu ayisithupha ebhola lezinyawo ku under-13 kudlalwa ithonamenti yakwa Build It endaweni yaseNdindindi, eNquthu ezinkundleni zemdlalo zakhona kulendawo. Lomdlalo unqotshwe iqembu elizibiza ngoMkhumbi lishaya i-Manchester ngegoli elilodwa eqandeni (1-0). Leliqembu beselithatha isicoco okwesithathu izihlandla zilandelana.UMqeqeshi walo uMnuz Mthokozisi Danisa ujabule kakhulu ngokunqoba kweqembu lakhe nathe ‘lisebenze ngokuzikhandla ukunqoba lesicoco’. Uthi ukunqoba kweqembu lakhe kangaka kumenza akhuthale kakhulu ngisho nokuqeqesha abadlali abasezayo.

Lethonamenti ixhaswe inkampani yakwa Build It, bese kungeyesi8 kulonyaka. Ongusihlalo kwa South African Football Association (SAFA) eNquthu; uMnuz Thabiso Shabalala uphawule ngokuthi bayikhuthalele imidlalo efana nalena njengoba bekhiqiza ithalente labadlali bebhola kulendawo. Uthe abagcini ku under-13 kodwa baze bafike naku under-19 okungabadlali abadlala kwi SAB League. Uphinde wangcoma inkampani yakwa Build It ngokufeza izithembiso zayo ngokubaxhasa kulelizinga lethonamenti.
UMicheal Hlongwane oyimenenja kwaBuild It uthe inhloso yalenkampani ukuba ixhase lemidlalo, ingoba bafisa ukuthuthukisa abantwana ngokomqondo ukuze bazokwenza kahle nasezifundweni zabo bangagcini ezinkundleni zemidlalo nje kuphela. “Isikhathi abasichitha egrawundini sinciphisa amathuba okuba bazimbandakanye nezinto ezingalungile ezifana nezidakamizwa,” kuchaza uHlongwane. Ngaphandle kokuvundulula ithalente labadlali, bayazama ukubakhuthaza ngokuba bathengele lelo qembu eliwinile izimpahla zesikole ngoba abanye babadlali baqhamuka emakhaya adla imbuyangothi. Uthi lokhu kuyabakhuthaza abantwana ukuba bathande isikole bangagxili ebholeni nje kuphela.
Inselelo esabhekane nabaqeqeshi bamaqembu ukushoda kwezinsiza kusebenza ezifana namabhola, amakhokho kanye nokunye. Iqembu loMkhumbi nalo linezinselelo ezifanayo. UMnuz Danisa (woMkhumbi) udinga noxhaso lweqembu lakhe elidlala ku under-15. Uthi abadlali bathwala kanzima kulesisigaba ngoba akekho obaxhasayo nokwenza badikibale bengabe besaqhubeka nethalente labo. Unxusa osomabhizinisi ukuba babasize kulokho.

Related Articles

Back to top button