Kujabulise Intsha okwenziwe uMnyango wezabaSebenzi

Intsha ithole ukudla kwendlebe namacebo okuthuthukisa amakhono abo.

UMnyango wazabaSebenzi ubenohlelo lokuthuthukiswa kwamakhona kubantu abasha baseNquthu emavikini endlule lapho bebehlanganyele khona ehholo i-VA Makhoba. Phakathi kwezihambeli singabala iminyango kaHulumeni, owezeMpilo; OsoNhlalakahle, nabanye.

Obeqhamuka eMnyangweni wezeMpilo uPT Buthelezi ebeke wathi bona njengoMnyango basebenzisana kakhulu nabafundi base Mthashana FET College abenza imikhakha yakwa Human Resources, Finance nePublic Relations. Ube esechaza nangamathuba avulelekile akhona esibhedlela asebenza kusona i-CJM Hospital yakhona eNquthu lapho ebalule khona ukuthi bananesikole sokufundela ubuHlengikazi (nursing). 

UsoNhlalakahle, Thandeka Thwala utshele akade bethamele lomcimbi ukuthi, “Sisiza abantu abahlukumezekile ngokubakhansela siqinisekise nokuthi bahleli kahle. Siphinde sibhekisise izinkulisa ezisemakhaya kanye nabantu abadala.” Uqhube wathi banazo izinhlelo zokunikezela ngemifundaze ukulekelela labo abafuna ukuthatha umkhakha wezeNhlalakahle. Ukugcizelele ukuthi umfundi kumele afike nencwadi eshoyo ukuthi usebhalisile kwezinye zezikhungo azikhethile.

Obemele i-Mthashane FET College, uMnuz Trevor Nkosi, oyi-Marketing recommendation, unxuse abafundi ukuba bakhethe imikhakha ebalungele, kanti futhi bangaxwayi nalena engajwayelekile efana ‘no-refrigerator’ kanye ‘no-autism.’ 
USphiwe Zwane yena ukhulume kabanzi ngamalungelo abasebenzi nokubaluleka bokwazi ukuthi uma ungumsebenzi ungagcini usuzithola usukuma credit bureau.

Baphawulile nabanye abebekhona okungu Sindi Strydom ovela kwa COGTA kanye noZandile Ngcobo othe basebenzisana noMzinyathi District ukuhambela izikhungo ezehlukahlukene. Umfundi waseMthashana u-Nokwazi Buthelezi utshele abephepha ukuthi usizakele kakhulu njengoba naye enza izifundo zeHuman Resource Management futhi uyathanda ukuba abaseMnyangweni wezabaSebenzi babe nehhovisi labo nakhona la eNquthu.

Exit mobile version