Osomabhizinisi abancane bakhala ngabokufika ababathathela umsebenzi

Imashi yosomabhizinisi abancane ibe enokuthula ngesikhathi betoyizela ukuba abokufika kumele babe nemvume yokuvula amabhizinisi abo kulendawo.

Bagcwale izitaladi osomabhizinisi abancane baseDundee naseGlencoe, kanye nabamele iDundee Transport Association, betoyizela ukuba umasipala abhekisise ukusebenza nokuhlala kwalabo bokufika abanamabhisinisi amancane kulendawo yaseNdumeni.

Lezizinhlangano okuyi Ziphilise Trading Association kanye neSithembile Small Business zikhala ngokuthi labantu abayizifiki babathathela imisebenzi njengoba bevula iziphaza yonke indawo futhi bathengise nokudla ngamanani aphansi kakhulu. UMnuz P Nyawo ongunobhala wenhlangano i-Ziphilise Trading association ubike ukuthi osomabhizini abayishuminane (14) ngaphansi kwalenhlangano awasenamsebenzi njengoba iziphaza zabo seziwile.

Small businesses want the municipality to set up by-laws to control the operation of businesses by who they call ‘new entrants’ in the market. Pakistani shop owners and other foreign nationals were singled out on the placards carried by the marchers.

Uthi bona abalwi nokuthi azixoshwe izifiki kodwa azithengise ukudla okulungile kubantu njengoba nabo benza. 
Okukhalisa labosomabhizinisi bathi ‘uhulumeni,okungumaspala akabakhathalele’ bafuna ukuba kubekhona imithetho ezolandelwa ilabo abasuka kwamanye amazwe bazovula amabhizinisi amancane kulendawo. UMnuz B Mthembu obengomunye walabo akade behola lemashi, uthi bafuna ukuba lababantu babhalisele ukuvula ibhizinisi babenemvume futhi kumele kube umuntu osethathwa njengesakhumuzi sakulelizwe osehlale kwelakuleli iminyaka eyishumi. 
Baphinde banxusa ukuba umasipala uhlole ukuthi lababantu banayo yini imvume yokuba kuleli futhi bayayivuselela yini.

Mr B Mthembu, Chairperson of the Dundee Transport Association and also a businessman, addressing the marchers outside the Endumeni Municipality building last Friday.


Kungesonasodwa lesisikhalazo ebebenaso. Phakathi kwezinye zezikhalazo iNhlangano yosomatekisi iDundee Transport Association nayo ibeke ezayo izikhalazo. Bathi bafuna umasipala abafakele izindlu zangasese zomphakathi erenki, amashelter ahloniphekile abantu kanye nempompi yokuphuza umphakathi njengoba ingekho renkeni yaseDundee. UMeya waseNdumeni uThulani Mahaye ehambisana nosoMlomo womkhandu uSduduzo Mdluli wamukele uhlu lwezikhalazo. Babe sebenqunyelwa ukuba baphendule ezinsukwini eziyishumi (10).

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.
Exit mobile version