Umphakathi ufuna intuthuko namathuba omsebenzi

Intuthuko ifana 'nengwanekwane' kwimiphakathi yaseBioskop kanye neRamaphosa e-Huttingspruit

Umphakathi wase Huttingspriuts ezindaweni zase Ramaphose kanye naseBioshop ukhala ngokungabibikho kwentuthuko kulendawo. Okubakhalisa kakhulu bathi  ukuthi noMeya wendawo akazigqiziqakala ngokuzolala okungenani izikhalo zabo.  Emavikini ambalwa endlule lomphakathi ubunokhukhulela ngoqo wombhikisho lapho kade belethe khona uhla lwezikhalazo kwizikhulu zeMayini eSpringlake. Lapho besole khona imayini ngokuqhasha ngokwazana kwabangani nezihlobo.  Baphinde bakhalaza ngokungaphathwa kahle ngezinye zezikhulu zakhona emayini iShanduka abathe “azifuni ukuhlangana nathi sibe nomhlangano ukuze kuxazululwe lezinkinga.” Baphinde bathi imayini ihlangene kunye naye uMeya ukwenza lemikhuba. IMayini yaziphika zonke lezizinsolo.Ugogo Ngwenya ohlala endaweni yase Ramaphose uthe useneminyaka ahlala kulendawo kodwa intuthuko iyizwa ngendaba njengoba bengenawo ngisho amanzi kulendawo.  Umphakathi waseBioskop wona ukhala kakhulu ngezindlu zeRDP.

 

 

 

 

Exit mobile version