ISIMO SOKUCABANGA

Umbuzo wami uthi "kazi wena kukhona yini okusha nokuhle okuqhakazayo emqondweni nase mpilweni yakho na?

Asikho isimo esingadluli lokho kufakazelwa nawukuthi yonke into inesikhathi sayo futhi akukho okusha ngaphansi komthunzi welanga.
Wonke umuntu ophilayo unesimo aphila ngaphansi kwaso, abanye sebenezimo okumele baphile nazo impilo yabo yonke. Zinjalo nje izimo zehlukene kaningi, angeke ngazibala zonke izimo ezikhona siphila kodwa kukhona lezi okujwayelekile ukuthi uzwe abantu bekhononda ngazo, ukukha nje phezulu ngingabala isimo sokugula, inhlupheko nokufa.


Nokho kunesimo esivamile ukuba isixazululo ezinkingeni eziningi okungavamile uzwe abantu bekhuluma noma becebisana ngaso; leso isimo engifuna ukugxila kuso “ISIMO SOKUCABANGA”.
Eqinisweni imana yagcina ngabantwana bakwa-Israyeli, esikhathini samanje mancane amathuba okuthi kube khona imana ezoqathaka phezulu, yingakho kubalulekile ukuthi uma ufuna utho noma impumelelo empilweni kumele usebenzise kakhulu isimo sokucabanga.


Kukhona abantu abangakwazi ukuzicabangela bafuna ukucatshangelwa uhulumeni, Kukhona abangakwazi ukucabanga into ephusile kodwa bayakwazi ukucabanga izinto ezimbi.
E-Ninguzimu Afrika yethu kuthiwa sinesibalo esiphezulu sentsha engasebenzi kodwa angikaze ngizwe kuthiwa sinesibalo esiphezulu sentsha engakwazi ukucabanga, pho ngoba siyakwazi ukucabanga kungani singacabangi izinto ezintsha?
Ngiyasho kunesimo okuso noma ophila naso esingeke siguquke ungakaguquli indlela  ocabanga ngayo!


Kungenzeka ukuthi ziningi izindlela zokucabanga kodwa kukhona eyodwa engeke sayibalekela “UKUCABANGA KWEMVELO” .Ngokwami ukucabanga, Ngicabanga ukuthi imicabango yemvelo icebile kunemicabango yezifundiso.
Singakhuluma kushone ilanga ngokucabanga kepha uma kusekhona abantu abangafuni ukuguqula indlela abacabango ngayo, kusekude phambili futhi ziningi izenzo ezizalwa imicabango emibi esisazozibona siphinde sifunde ngazo.
Ukucabanga ngithi kubalulekile ngendlela efanayo nokuphefumula.
Sengiphetha ngithi lethwese ihlobo, empeleni kunzima ebusika ngoba ntambama kuyashesha ukuba mnyama kanti nasekuseni kuyaphuza ukukhanya.


Ebusika kunendlala nosizi, yingakho kulula ukubona umuntu ukuthi uluhlobo olunjani. Ebusika ngisho ilanga lingaphuma kodwa lisuke lingenayo imfudumalo, ebusika izintombi nezinsizwa ezinhle zikhumbula ukufudumeza imizimba zikhohlwe ukufudumeza ingqondo.
Wenze iphutha walahla isimilo sakho ngenxa yesimo sasebusika. Uma ufuna ukuba “umnqobi” bekumele ucabange  ngale kobusika. Manje sise ntwasahlobo, ubusika buphelile siyabona izihlahla ziyaqhakaza.
Umbuzo wami uthi “kazi wena kukhona yini okusha nokuhle okuqhakazayo emqondweni nase mpilweni yakho na?

“Oka-Mafisa umtwana uyabonga”

Exit mobile version