Kuzophela amaphupho ngomhlaka 2 July
Lezingqwembe ziyizinkomba eziveza ukuthi amaqembu ezombungazwe azoncintisana ukuze kubekhona inkunzi . Isigceme sesine eSibongile sibame ukhetho lokuchibiyela emva kokuba loyo owayeyikhansela le-ANC, uMnuz Bheki Ngobese alaxaza phansi lenhlangano emva kokuba i-ANC imnxuse ukuba azophendula ngezinsolo abekwe zona. UMnuz Ngobese ungenele ukhetho njekhansela elizimele. Izinlalngano ezizomela lolukhetho i-IFP, NFP, ANC kanye ne-independent. Amaphupho azophela ngomhlaka 2 …
Lezingqwembe ziyizinkomba eziveza ukuthi amaqembu ezombungazwe azoncintisana ukuze kubekhona inkunzi . Isigceme sesine eSibongile sibame ukhetho lokuchibiyela emva kokuba loyo owayeyikhansela le-ANC, uMnuz Bheki Ngobese alaxaza phansi lenhlangano emva kokuba i-ANC imnxuse ukuba azophendula ngezinsolo abekwe zona. UMnuz Ngobese ungenele ukhetho njekhansela elizimele. Izinlalngano ezizomela lolukhetho i-IFP, NFP, ANC kanye ne-independent.
Amaphupho azophela ngomhlaka 2 July kuyothi kuqala kubamnyama zobe ‘sezihubela sakusha’.
Namhlaje elamangqamu lendawo yase Sibongile ikhombise ukukhula ngepolitiki ngoba ukubekezelelana kukhulu. Iqembu le Democratic Alliance lona alimelwe mumtu kulolukhetho, ‘kuzodela umakhasane’ njengoba uMnuz Ngobese ezocakaza amavoti eANC bese kuthi iNFP babelane ne-IFP. Abavoti babonakala beshaya ngonyawo lonwabu kwezinye izikhungo eSibongile.