Ube yimpumelelo umkhankaso wokongiwa kwamanzi

"Amanzi ayimpilo, asiwonge, siwathokozele."

Kuleliviki elendlule bekuyiviki elibalulekile lapho kuqwashiswa ngokongiwa kwamanzi ngaphansi kwesiqubulo esithi “Amanzi ayimpilo, asiwonge, siwathokozele.”
Amanzi ayimpilo yomuntu futhi ngeke kwaphileka ngaphandle kwawo ingakho isikole samabanga aphansi, iGabangemfundo sithathe igxathu sahlela umcimbi wokuqhwashisa ngokubaluleka okwenziwa amanzi empilweni yomuntu.
Abafundi, othisha nomphakathi wase-Uitvaal babuthane ehholo lomphakathi i-GJ Phakathi Multi Purpose Hall ukuzozwa obekuqhukethwe ngabafundi.
Nakuba umphakathi wase-Uitvaal, uthi uyasokola ngamanzi, izimpompi zinokuhlala zingaphumi manzi ngesinye isikhathi. UThishanhloko wesikole uthe bona esikoleni basizwa amanzi emvula abawakhongozela ngamathangi kodwa bakubone kubalulekile ukuba balubungaze lulosuku bashumayele ivangeli lokubaluleka kokuba kongiwe amanzi. UNksz PT Mthethwa obephuma eMnyangweni wezoLimo nemvelo ufundise ngokubaluleka kokugcina izindawo esihlala kuzona zihlanzekile. Uqhube wathi lokugcinwa kwezindawo zihlanzekile kuzonciphisa amathuba okungcola kwemifula ephakela amanzi emakhaya kuphinde kungciphe nezindleko zokuhlanza lawo manzi agcolisekile. Uthe ukugcola kuhlukumeza imvelo kanti futhi nelungelo lomuntu lokuba ahlale endaweni ehlanzekile liyahlukumezeka njengoba emqulwini wamalungelo abantu kulotshiwe ukuba ‘abantu banelungelo lokuhlala ezindaweni ezihlanzekile.’
“Asingalahli imfucuza noma ikuphi, asiyisebenzise leyo okukhoneka ukuba isebenziseke siphinde futhi songe nogesi emakhaya,” kulanda uNksz Mthethwa.
UThuli Ngcobo eMkhandlwini wasoThukela uchazele abafundi kanye nothisha ngezifo ezidalwa ukuphuza amanzi agcolile.
Naye ukugqugquzele ukuba abantu abaphuze amanzi ahlanzekile ngokuba bawabilise okanye bawafake i-jikhi ngaphambi kokuba bawaphuze.
Ezinhlelweni ebebe nazo bekuhaywa izinkondlo, kuculwa, kuxoxwa indatshana ebikhuluma ngokubaluleka kokuphuza amanzi ahlanzekile.
Uhlelo lonke beluphethwe ngabafundi nabenze umsebenzi ongcomekayo nobatshazwe nguMhloli wakulendawo uNkk Masondo.Uncome umsebenzi omuhle ewenziwa othisha besikole ukuba bafundise abafundi ukuphatha izinhlelo ezifana nalezi ukushayele ihlombe kakhulu lokho.

Exit mobile version