Local sportSport

Iqhembu iSibongile Boxing Club inqobe phambile kwi SANABO National Championships

Amulunga eqembu akhulume ngalizwi linye ukuthi sebefana njengomndeni, njengoba besizana nje ngakho konke empilweni.

Iqembu lesibhakela iSibongile Boxing Club iwine izindondo kumncintiswano wazwelonke eKimberly we-SANABO (South African National Boxing Organisation) National Championships.
Lomncintiswano ubungomhlaka 2 kuyela ku 7 July, zonke izifundazwe eziyisishiyagalombili zincintisane kulomcinciswano. Ongusihlalo uNksz Pretty Tsotesti uchaze kabanzi ngohambo lakhe kanye neqembu lakhe lesibhakela. “Ngijabule kakhulu ngenkathi iqembu lami linqoba kulomnciciswano omukhulu kangaka. Labantwana balwe ngokuzimisela nokuzikhandla. Nginethemba elikhulu ukuthi bazongenela ama Olympics ngonyaka ka 2024”.
Uphinde wachaza kabanzi ukuthi iqhembu iSibongile Boxing Club ayiqali ukufinyelela kulelizinga, sebenqobe kaningi beqhudelana namaqhembu ala eMzinyathi, bephumela phezulu. “Sijwayele ukuthatha izindondo kwiSifunda sethu kodwa kulokhu sikwazile ukunqoba ama-giants ase Eastern Cape ekwibona ababehlezi beqopha bampili kwimidlalo yesibhakela sese South Africa.
Omunye wamalunga aleliqhembu uThabile Zulu obeqhudelana ku 69 kg Elite, uchaze wathi, “Isibhakela siyangisiza ngezindlela eziningi njengokuthi kuyafundisana indlela yokuziphatha, ngoba uma ungumuntu oshaya isibhakela ukuvumelekile ukuthi ubheme noma uphuze uphuzo oludakanayo”.
ULindelani Sibisi naye okwi Elite 64 kg uthe, “Abazali bethu bayasixhasa kakhulu nabo futhi bajalulile njengoba zinqobe phambile kulomncitiswano”.

UNkszn Pretty uphinde anxuse abantwana abangathanda ukuba amalunga eSibongile Boxing Club ukuthi bengeza bazojima nabo, kukhokhwa nje imali encane engano R25 ukuze ube ilunga leqembu.

Kodwa futhi uma ungenayo imali yokujoyina angeke bakulahlele ngaphandle.
Amulunga eqembu akhulume ngalizwi linye ukuthi sebefana njengomndeni, njengoba besizana nje ngakho konke empilweni. Bayakuthakasela futhi ukuhamba ezifunda ngezifunda ndawonye.

Lethokuhle Sibisi and Thabile Zulu posed for the camera in their boxing gloves.

Related story

VIDEO: Boxing is not just for the boys

 


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button