communityLocal newsLocal sportNewsPaparazziSportYouth Revolution

UWadi 1 Endumeni nemizamo yokulwisana nezidakamizwa

Ukhansela intsha ukuba bephume ngobuningi bayo iyovota ngo mhlaka 03 August.

Ngo mhlaka 18 ku-Nhlangulana iqembu lika ANC ku Wadi 1 belibungaza usuku lwentsha endaweni yakwa ‘Nkosi Sithole,’ eDundee.
Bekuhlangene intsha yakulendawo neyase Wasbank izobungaza lolusuku ngokuzibandakanya kwezemidlalo ngenhloso yokuqhwashisa ngezidakamizwa. Lemidlalo ibihlanganisa amaqembu ebhola lezinyawo kanye nelomqakiswano (lamantombazane).

Mnz. Sboniso Zwane ongomunye wabahleli balemidlalo uthi inhloso enkulu yalemidlalo kwakungulwa nezidakamizwa kanye nokubuyisa nentsha ebonakala isifiphalelwa ikusasa ngenxa yazo izidakamizwa ukuba nayo izizwe ibalulekile ngokuba izibandakanye kwezemidlalo. Uthi kubalulekile kakhulu ukuba abantu abasha bezimbandakanye kwezemidlalo ukuze bazokwazi ukuzithiba ezidakamizweni esezidlangile.

Mnuz. Dhlamini oyikhansela kuleli wadi ube esethatha lelithuba wamukela abahlali bakulendawo ngokohlelo olusha lwezemincele njengoba lendawo isifakwe ngaphansi kuka wadi 1. Kuzokhumbuleka ukuthi lendawo ibingaphansi kuka wadi 3ophethwe nguKhansela Lungile Mbhele manje isishintshelwe ku Khansela Smanga Dhlamini. UKhansela Dhlamini uqhubeka wanxenxa ukuba kube nokubambisana phakathi kwakhe nomphakathi umphakathi ukuze kubekhona intuthuko kulendawo.

Ube sebenzela isibonelo ngendawo yase Wasbank athi isizizuzele lukhulu emnyakeni emihlanu u-ANC athatha kuleli wadi. “Indawo yase Wasbank sikhuluma nje kunohlelo lokwakhiwa kwehholo, inkundla yezemidlalo, ipaki, eminyakeni emhlanu lendawo iyakhanyisa, isiphuza amanzi ezimpopini ezisemabaleni,’kuchaza uKhansela. Ubesenxusa abahlali ikakhulu abantu abasha ukuba bephume ngobuningi babo bayovota ngo mhlaka 03 August.

Imiphumela yebhola kwaphumelela iqembu i-All nations ngamagoli amathathu eqandeni idlala ne Dundee Madrid. Ku under 15 iJunior Leaders yashaya iTatanic ngegoli elilodwa eqandeni. Kwezomqakiswano wamantombazane amaDivers aphumelela ngamagoli angu 13 kwayisikhombisa edlala neqembu i-All nation. Amaqembu aphumelela ahlomula ngamajezi ebhola kanye nama medals.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button