NewsVryheid Herald

IMeya yaseZululand iqokwe njengoNdunankulu wesizwe samaZulu

IMeya yaseZululand uThulasizwe Buthelezi umenyezelwe njengoNdunankulu wesizwe samaZulu eNquthu ngoMgqibelo.

IMeya yaseZululand uThulasizwe Buthelezi umenyezelwe njengoNdunankulu wesizwe samaZulu eNquthu ngoMgqibelo. UButhelezi uzongena ezicathulweni zoMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi owakhothama ngonyaka odlule. uButhelezi uqokwe kumgubho lapho bekubungazwa iminyaka engu145 yempi yaseSandlwana. Lomgubho wenzeka minyaka yonke ukukhumbula impi phakathi kwamaZulu namaNgisi eyenzeka mhla zingu-22 kuMasingana enyakani ka-1879.
ISilo siveze ukuthi besingeke siqoke umuntu ongazazi izifiso zikaShenge saphinda samemezela Inkosi yaseMadungeni uMnuz Phathisizwe Chiliza oqokwe njengephini likaNdunankulu wesizwe samaZulu. ISilo sithi sangena ebhandeni, saphinde sanxusa amakhosi ukuthi asibonise ofanele ukungena kulesi sikhundla, amakhosi amkhombisa. Wagcizelela ukuthi abahlangene nepolitiki, kodwa wakwenza ngesiZulu. “Mina ngingumZulu, angingeni kwezombusazwe noma ipolitiki,” kusho iSilo.

The news provided to you in this link has been investigated and compiled by the editorial staff of the Vryheid Herald, a sold newspaper distributed in the Vryheid area. 

Related Articles

Back to top button