Career of the WeekcommunityLocal newsMunicipalNewsSchoolsSpeak Out, Khuluma, PraatYouth Revolution

Kukhulekelwa abafundi bakamatikuletsheni e-Nquthu

Ungawubalekela umsebenzi, kodwa ngeke uzibalekele izinqinamba kanye nemuphumela yokungawenzi umsebenzi.

Ziningi izinqinamba abafundi ababhekana nazo okungaba ukuzibulala, ukuhlangana nemimoya emibi kanye nezimo abaphila ngaphansi kwazo emakhaya ezingabaphazamisa.

Umkhandlu waseNquthu ubabe umthandazo lapho bekukhulekelwa abafundi bakamatikuletsheni njengoba bezoqala izivivinyo zokuhlolwa kokuphela konyaka. Lomkhuleko ubuhanjelwe ubuholi bezeMfundo eMzinyathi, abaholi beze politiki, amakhansela kanye nabefundisi.

Isikhulumi esiqavile sosuku bekungu Mnuz Sbusiso Buthelezi, we-Buthathu Suppliers and Investments nophinde abe ngumsakazi wodumo kuKhozi FM.Inkulumo yakhe ibigxile kakhulu emandleni omqondo kanye nokwazi uNkulunkulu. Leligagu litshele abafundi ukuthi kubalulekile ukuba nomatikuletsheni ngoba abantu abawutho emhlabeni kulesikhathi samanje kungenxa yokuthi banomatikuletsheni.

Uchazele abafundi ukuthi umuntu angawubalekela umsebenzi, kodwa ngeke azibalekele izinqinamba kanye nemuphumela yokungawenzi umsebenzi. Unikeze abafunda amazwibela empilo yakhe lapho ethinte khona izinqinamba abuya kuzo.

Uthe ngokholo naye wayishintsha eyakhe inqondo wayeka izidakamizwa waphinde watshela inqondo yakhe ukuthi nguNkulunkulu kuphela umabizwa asabele, yingakho wakwazi ukuba yilento ayiyona namuhla. Kuqhume elikhulu ihlombe kubafundi ngesikhathi eqeda kusho lokhu.

Eqhubeka uthe “imbi ingqondo yomuntu ongacabangi into entsha ngoba inqondo inamandla okwenza izinto. Uthi izinto ezimnandi zidla wena, ikusasa,ugqozi, isikhathi kanye nokuzinikela kwabo abafundi. Ulinganise ngoshukela kanye noku jola.”Ushukela umnandi kodwa uma uwukhuma uyagulisa. Umjolo nawo umnandi kodwa uchithelana isikhathi, ngapha ingculaza kanye nokukhulelwa.”

USbu Buthelezi uthi uyakholelwa ukuthi umthandazo nokuzinikela kwabo abafundi ikona okungabawelisela ekusaseni eliqhakazile.
Uthi phakathi kwabo kungaphuma udokotela ohlonishwa umhlaba wonke, okanye uMongameli wesizwe, kodwa kumele bazazi bona ukuthi bafunani, futhi lokho kungenzeka ngamandla omqondo wabo.

Umfundi obekhulumela abafundi bakamatikuletsheni ophuma eBongumenzi Secondary School, ngenkathi ebonga uthe, bengabafundi bakamatikuletsheni bayabonga kakhulu ku Mnuz Sbu Buthelezi ngamazwi agqugquzelayo, bayathembisa ukuthi bazosebenza ngokuzinikela futhi baphumelele ngamalengiso.

Related Articles

Back to top button