communityLocal newsMunicipalNews

‘Uhlwithwe’ isikhundla uKhongolose emkhandlwini eNquthu

Ukuhlabana kwe IFP kumkhandlu waseNquthu kwenze ukuba izihlalo eziphezulu ziqhwakelwe amaqembu amathathu ehlukene, okuyi ANC, NFP kanye nayo i-NFP.

‘Kwehle izihlathi’ kuKhongolose waseNquthu ngesikhathi kukhethwa uSomlomo omusha kulomkhandlu ngoLwesihlanu olwendlule okhethweni lokuchibiyela. UKhansela Thokozani Ndlovu oseqenjini le Inkatha Freedom Party(IFP) uwine ngamavoti angu 18 kwangu 15 eqophisana no Fikile Khumalo ongu PR Councillor kwi African National Congress (ANC). Ivoti elilodwa belibaseka bobabili.

Ukuhlabana kwe IFP kulomkhandlu kwenze ukuba izihlalo eziphezulu ziqhwakelwe amaqembu amathathu ehlukene okuyi ANC, ephethe isikhundla seMeya okungu Khnasela Molefe. USekela wakhe nguKhansela Kunene oseqenjini leNFP bese uSomlomo kuba nguyena uKhansela uNdlovu oku IFP.

USomlomo ugcotshwe ngokusemthethweni nalapho amalunga eqembu lakhe ehluleke nawukuzibamba injabulo. Ethula amazwi akhe okubonga uSomlomo uthe “angibonge kuwo wonke umuntu ngethuba eningipha lona, ngithembe uNkulunkulu ukuthi uzosisiza sisebenzisane ngokubambisa. Ukukhethwa kwami akukona ukuhlakanipha kwami, ukuthi uNkulukulu usakhombe mina okwamanje.”

UKhansela Zungu ube esephakamisa ukuba kube khona onogada abazobhekelela ukuphepha kukaSomlomo kulandela inhlekelele eyehlela lowo owayenguSomlomo kulomkhandlu uKhansela Vusi Ntombela.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNtombela wabulawa ngo June kulonyaka nomfundi wakhe uElizabeth Nhleko esikoleni ngesikhathi edutshulwa amahlandla amathathu.

Lesiphakamiso sisekelwe kakhulu nangamanye amakhansela. Nakuba uSodolobha, uKhansela, Emily Molefe, echazile ukuthi akukho sinqumo esisemthethweni esake sathathwa ilomkhandlu ngaphambilini esibeka ukuthi uSomlomo kumele abe nonogada. Kodwa ube esenxusa uMkhandlu uma sewenzwa ucwaningo lwezokuphepha kube sekukhona isinqumo esesenziwe ngaloludaba.

Ebuzwa uKhansela ngokuphepha kwakhe uthi naye angakujabulela ukuba udaba lonogada lusheshe. Uthi kodwa uNkulunkulu amakhonzayo ukhona. USomlomo uthi, uzokuqinisekisa ukuthi usebenza ngokungachemi emkhandlwini, futhi uyathemba ukuthi bazosebenzisana ngokubambisana nawo wonke amaqembu.

Uqhube wathi okukhulu kakhulu kuyena nafisa ukukubona kwenzeka ukuba amawadi onke aseNquthu athuthuke ngayoyonke indlela. Lowo obeyimbangi yakhe, uFikile Khumalo, umhalalisele uNdlovu ngokuphumelela kwakhe.

Uthi “sifisa ukubona uSomlomo esebenzela umkhandlu, hhayi iqembu.” Ubuholi be-ANC obuphuma kwi-Nkosi Bhambatha Region, uSihlalo Linda Ngubane, isekela lakhe uMnuz Mahaye behambisana noNobhala uBheki Lembede bebekhona.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button