communityCrimeLocal newsNews

Utholakele umndeni wowesifazane owabulawa

Uzobekwa endlini yakhe yokugcina ngoMgqibelo uSimangele Madela.

Umndeni ka Simangele Sibongile Madela ugcine utholakele ngemuva kokuba kushicilelwe udaba lwakhe kuleli phephandaba ngeviki eledlule. Amaphoyisa aseNquthu asekwazile ukukhipha isidumbu sikaSimangele owatholwa edindillizile ngasemangcwabeni aseNdindindi ezinyangeni ezintathu ezedlule. USimangele ushiya ngemuva abantwana bakhe abathathu omncane oneminyaka emibili nje vo.
Obekhulumela umndeni, uThulani Madela, okungubhuti wakhe umufi uthi usisi wakhe wafika ekhaya okokuqala ebuya esokeni lakhe eshayiwe enemivimbo umzimba wonke, kanti akazange ahlale nasikhathi eside wabuye wahamba imivimbo leyo ingakapholi. Uqhube wathi umndeni uqale ukusola ngemuva kokuba kuphele inyanga bezama ukuxhumana noSimangele ngocingo kodwa engatholakali. “Ucingo luka sisi belungasangeni uma sifona nokwenza sasola kakhulu ukuthi kukhona okungahambi kahle, kanti wayevele ehambe ekhaya engekho esimeni esihle.” Ngokuchaza kukaThulani uthi “osisi basekhaya abadala bazama ukukhuluma noSimangele ukuba ayeke lelisoka lakheelingaziwa nasekhaya kodwa wabuye wabuyela khona ngemva kosuku ebekade ebuye eshayiwe.” UThulani uthi ukushaywa kwakhe okokuqala kwakuyizinkomba zokuthi lomlisa wayengamthandi usisi wakhe. “Sididekile, sicasukile, sibuhlungu ngalokhu okwenzeke kudadewethu, naye futhi simucasukele ukuthi wakhuzwa ngokuhamba kwakhe kodwa akangalalela kuyimanje asazi ubani owenze lokhu kuyena.” Okuzwisa umndeni wakwaMadela ubuhlungu ukuthi abazi nalapho indodakazi yabo ‘eyabe ithi ithanda khona’. Bathi bayabonga ukuthi okungenani ithambo labo bazokwazi ukuthi lifihlwe kuphi. Amalungiselelo ayaqhubeka kanti uzofihlwa ngoMgqibelo ekhaya kubo endaweni yaseNkande eNgolokodo.

Related Articles

Back to top button