‘Guga mzimba, sala nhliziyo’
Bekungu washiywa izalukazi namakhehla ziqhudelana kowama Golden Games.
‘Kuguga othandayo,’ bekushikashika izalukazi namakhehla kwelokuhlunga kwama Golden Games komasipala basekhaya. Izalukazi namakhehla aseNquthu abambe iqhaza kulemidlalo ngenhloso yokuqokwa ukuyomela iNquthu kulemidlalo ezingeni lemikhandlu.
Labo abayophumelela emkhandlwini, okunguMzinyathi, bayobe sebeyowumela kweyezifunda, eThekwini. Imidlalo ebikhona kube umdlalo we rugby ball throw, Jaskei, duck walk, passing the ball, goal shooting, kanye ne athletics. Usuku luhambe ngenkulu impumelelo njengoba namaqembu okuyiwona azibandakanya nalemidlalo ezinhlanganweni ezibizwa phecelezi ngama ‘Hubs’ okungeyase Nondweni naseMasotsheni ebekhona ukuzobamba iqhaza.
UKhansela Fikile Mkhize, onguSihlalo emnyagweni wezemidlalo kumasipala waseNquthu uthi “kuyadingeka ukuba abantu abadala bahlale benomdlandla bazibandakanye nemidlalo yaloluhlobo ngoba iyona enza ukuba kwehle nezifo eziphatha abantu abadala.”