Local newsNewsVryheid Herald

VRYHEID: Sewuzokwazi ukuswapa nasezipaza zasemakhaya

"Lolu ngolunye lwezinhlelo zomkhandlu ukuzama ukuthuthukisa osomabhizinisi bakithi ngolwazi" - Phakathi.

Umasipala wasOndini ubambisene nabakwa Vodacom bathuthukise ngolwazi osomabhizinisi ngokubaluleka kokusetshenziswa kobuchwepheshe bokuqhuba amabhizinisi abo (speed point) ukugcina bephephile. Umkhandlu wasoNdini uhlukanise amawadi ngokusondelana kwawo ukuba ahlanganyele kuleyo ndawo ezoba seduzane kuwo wonke usomabhizinisi owakhele kulawo mawadi. Loluhlelo lokusetshenziswa kwama speed point kosomabhizinisi amancane kuzoba lekelela kakhulu ekutheni baphephise izimali zabo bengahlali benemali emaphaketheni. Uma umuntu engenayo imali kodwa enekhadi lasebhange usezokwazi ukudayiselwa, uma kukhona abafuna ukuthenga ugesi, ama data, ukukhokhelwa kwama DSTV, nokunye okuningi ngaphandle kokuthi uze ugibele uye edolobheni. Akugcini lapho ngoba uma sewuqalile usebenzisa lomshini(speed point) wakwa Vodacom bazokwazi ukuthi balandelele ngokusebenza kwebhizinisi lakho bese unikwa ithuba lokuba ukwazi ukufaka isicelo sokuboleka imali mboleko eqala ku R10 000 kuya ku R1 million. Also read: Local businessman reaches out to Bhekuzulu storm victim Lokhu kuzokwenzeka ngaphandle kwezihibe, nokuphenywa kwemininingwane yakho njengoba kwenziwa emabhange okugcina sekunemigomo eminingi elandelwayo ugcine ungayicoshanga nemali leyo osuke uyoyiboleka. Abakwa-Vodacom bazolekelela labo abangosomabhizinisi abafisayo ukuba babe yingxenye yokusebenzisa lama-speed point. UMeneja woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho kumasipala wasoLundi, uMnu uMusa Phakathi ukubeke kwacaca ukuthi umasipala wasoLundi wenza konke okusemandleni ukunxenxa abatshali bezimali Ondini ukuze kuhlomule osomabhizinisi abasafufusa. “Lolu ngolunye lwezinhlelo zomkhandlu ukuzama ukuthuthukisa osomabhizinisi bakithi ngolwazi nakho konke okufanelekile ukuthi bakwenze ngenhloso yokuthi babe sezingeni lokuthi bathole ukulekelelwa nangoxhaso lwezimali. Kuyiqiniso elingephikiswe futhi siyazi ukuthi umasipala wasoLundi mncane kakhulu kanti nomthamo wosomabhizinisi mkhulu kakhulu. Yingakho sizamile ukuthi sinxenxe nalaba bakwa Vodacom ukuba bezolekelela ngolwazi olungashintsha izimpilo zosomabhinisi bakithi. Loluhlelo luzoya kuwo wonke amawadi ngokuklanywa kwawo”, kusho uPhakathi. UMnu uSphamandla Zwane wakwa Vodacom kumhlabe umxhwele indlela osomabhizinisi bekulangazelele ngakhona ukuthuthukiswa ngokolwazi nalapho ethe bavule izandla ukusiza ngalokho abakufisayo.

Ulundi small business owners being educated about improved ways of conducting their businesses.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button