communityLocal newsMunicipalNewsSchools

Umkhandlu waseNquthu ulekelela abafundi ngemifaniswano

UMnyango wezeMfundo, othisha, nomasipala kuningi abasiza ngakho abafundi bebambisene bebonke.

Izinhlelo zokulela ukuthuthuka kwemfundo kanjalo nenhlalo yezakhamuzi zasendaweni yaseNquthu uSodolobha wakulendawo uKhansela EN Molefe uqinisekisa ukuthi abantu bakulendawo bayathola ukulekeleleka.

Ngomhlaka 22 April uvakashele isikole samabanga aphansi i-Mzimela, ukuzonikezela ngomfaniswano wesikole omusha ceke kubafundi abayisishagalolunye(8) kanye nebhokisi lama sanitary pads. Lokhu kwenza ngukezinye zezinhlelo zomkhandlu wase Nquthu ezenziwa minyaka yonke. Kusukela ngonyaka ka-2011 laqala loluhlelo lapho umkhandlu waqala ukugqokisa abafundi abangu 25.

Inani lithuthukile njengoba umkhandlu uzogqokisa abafundi abangu 136 ezikolweni ezingu 17 zakulendawo kulonyaka. UMeya, EN Molefe ukhuthaze abazali ukuba babonise uthando ezinganeni zabo ngasosonke isikhathi. Unxuse nokuba bavikelwe abantwana ngoba ” bayikusasa lethu.”Ngokusho kukaMxumanisi walomkhandlu, uMnuz Thokozani Nyandeni, uchaze wathi, “loluhlelo lokunikezela ngomfaniswano wesikole luhambisana nohlelo lokunikezela ngemifundaze kubafundi abafunda ezikungweni eziphezulu bakulendawo yase Nquthu.” Uthi ilinganiselwa ku R700 000 imali esisebenzile kwimifundaze engu 729 esakhishiwe ukulekelela labo bafundi abanganayo imali yokuziqhubeza emanyuvesi.

uMnuz Thando Mtshali ophuma eMnyangweni wezeMfundo eMzinyathi, naye ukugcizelele ukuba abazali banakekele izingane zabo bangathuli umakhukhona inkinga ikakhulu uma umtwana ehlukumezeka. Uthi abazali abeze bezofuna usizo bangahlali okanye bathathe imali bekhokhelwa ukuba bavale imilomo ekubeni ingane ihlukumezekile. Uthi “ngeke sikuvumele ukuthi abantwana bahlukunyezwe bese kuyathuleka,”kusho uMtshali. Uqhube wathi “abazali kumele bazi ukuthi inhlalakahle yengane ibalulekile ngasosonke isikhathi.”

Wenze isibonelo ngomunye wabafundi bakulesi sikole okuthiwa uthole ukusizakala, okuyimanje lomfundi useyaholelwa imali yesibonelelo kanti futhi wakhona ukuthola izibuko njengoba enenkinga yamehlo.
Ukusho lokhu ebhekise kubazali ngokuthi kuningi uMnyango wezeMfundo, othisha, nomasipala abasiza ngakho abafundi bebambisene bebonke.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Stay in the know. Download the Caxton Local News Network App here.

Related Articles

Back to top button