Local newsNews

IMeya yasoLundi inikele ngendlu kwaVuka

"Bengibikelwa makuhloma izulu ngoba bengazi ukuthi ngizonethwa yizimvula njengoba bekufana nokuthi ngilala phandle".

IMeya uWilson Ntshangase kaMasipala wasoLundi ifeze isethembiso sayo ngokwakhela umndeni wakwaZwane umuzi, eMhlahlane esigodini sakwaVuka.
Lendlu engamagumbi amathathu ivulwe ngoLwesine olwedlule nguye uNtshangase. Umndeni wakwa Zwane unamalungu awu 8, ubaba wakhona nensizwa yakhona endala sebashona kwasala amantombazane amabili kanye nabazukulu abahlanu.
UNkk Sindisiwe Ndlela wakwaZwane (55) ubonge umeya uNtshangase ngokumakhela indlu ongagcinanga lapho kepha wamufakela nefenisha okubalwa imibhede, amakhabethe namatafula.
“Ngifana nomuntu ongcwatshwe ephila ngoba konke lokhu okwenzeka namhlanje yinto engingakaze ngiyicabange ukuthi iyokwenzeka ngisadla anhlamvana. Bengibikelwa makuhloma izulu ngoba bengazi ukuthi ngizonethwa yizimvula njengoba bekufana nokuthi ngilala phandle. Sengathi lokhu akwenzile kulelikhaya angakwenza nakwabanye”, echaza.

Also read: Ekugcineni ugogo uzoba nophahla

Ilungu lomphakathi uMnu. Penwell Ntshangase uncome imisebenzi kameya uNtshangase,” Kuningi asesenzele khona kulomphakathi kusukela asayikhansela kuze kube manje akaze asikhohlwe. Sinehholo sine sonto nokunye okuningi siyambonga kakhulu ngemisebenzi yakhe.”
Umeya uNtshangase ethula inkulumo yakhe kulomndeni wakwaZwane uthe isifiso sakhe sesize saphumelela njengoba baningi abangani bakhe ayengqongqoze kubo ukuba bamsize ekwakheni lomuzi kepha banyamalala.
“Njengoba sazi ukuthi umasipala wasoLundi awuzakhi izindlu ngibe sengibekelela isente phezu kwelinye isente ngaze ngakuphothula ukwakhiwa kwalendlu. Lokhu kuvulwa kwayo kuqondane kahle nenyanga yamadoda lapho sigqugquzela ukuba amadoda abe yisibonelo esihle emphakathini, kuvikelwe abesifazane nezingane”, kuchaza uNtshangase.
Imigomo kaHulumeni ilandeliwe ngokukhulu ukucophelela njengoba abantu abebekhona bebengaphansi kwabayi-15 futhi befake izamfonyo behleli ngokuqhelelana.

Mayor Wilson Ntshangase with Sindisiwe Ndela-Zwane.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Related Articles

Back to top button