Local newsNews

Kufe owesilisa ngenxa yamanzi

"Umshayeli akazange ame, uvele wadla phansi wayocasha".

Lolo Madonsela

Umphakathi wase Mkhazane oLundi uthukuthele uganunwabu ngokufa kowondlayo oshayiswe iloli lamanzi maqede waphela emehlweni umshayeli.
Umphakathi uvale umgwaqo ngezihlahla, amatshe namathayi avuthayo nangamabhodlela aphukile eMkhazane namaphethelo ukuyofinyelela e19 bekhala ngokuthi ukufa kwalelilunga lomphakathi kungenxa yokusweleka kwamanzi endaweni njengoba umufi eshayiswe iloli lamanzi ngeSonto kusihlwa. “Sinenkinga yamanzi kulophakathi ngoba siyaye nje siwathole kanye ngenyanga. Izolo lifikile iloli lamanzi ngezikhathi zamadina okuthe ebusuku laphinde labuya kodwa lingezile ukuzothelela umphakathi kodwa liyothelela omunye umndeni obuthenge amanzi. Kuyilapho lithe seliphuma kulowomuzi lashayisa umfana obeseceleni nomgwaqo. Umshayeli akazange ame, uvele wadla phansi wayocasha. Yingakho umphakathi uthukuthele kangaka ngoba kwashiwo ukuthi akunalunga lomphakathi okumele lithenge amanzi; lezimoto kumele zithelele amanzi mahhala emphakathini,” kuchaza uMnu Zungu oyilunga lomphakathi.

Also read: Bakhononda ngemigwaqo eyizindonga eSasko

Uphinde waveza ukuthi ukuphangalala kwalomfana kuzwisa ubuhlungu njebo kunguyena obebheke umndeni.
“Lomfana ubuya ekhaya elihlwempu, yize ebengasebenzi kodwa ubezama njengoba bekunguye owondla umndeni. Isimo sibi kukhulu kuleliyakhaya futhi ngendlela lesisgameko senzeke ngayo sizoletha inxabano phakathi komakhelwa njengoba omunye umndeni ulahlekelwe ilunga ngenxa yomndeni obuthenga amanzi ngokungavumelekile.
“Lengozi yenzeke ngezikhathi zehora le 19:30 kodwa kuze kwashaya ihorala leshumi silokhu silinde amaphoyisa nabathutha izidumbu belokhu bengafiki. Umphakathi uze wahamba wayothungatha umshayeli waleliloli kodwa ahluleka ukumthola njengoba edle phansi. Kwawona lamaloli amanzi akuwona akamaspala, yinkontileka kanti nabashayeli bawo akubona abuntu bendawo yingakho nje ebalekile umshayeli”, kubika uZungu. Okhulumela abomthetho eZululand, Kapteni Nkocy Gwala ukuqinisekisile ukuthi lesisgameko senzeke kulendawo.
“Lesisgameko senzakale ngemumva kokuthi iloli lamanzi lishayise labulala owesilisa. Umphakathi uzamili ukulivimba leliloli ngemumva kokuthi lithengise amanzi komunye umuzi okuyilokho okuholele ekutheni umphakathi utoyitoye uvale umgwaqo maduze neskole samabanga aphezulu, Maqhingendoda. Umphakathi ube usuqhubekela ukuyoval umgwaqo R66. Uphakathi ubudiniwe ufuna umaspala ubakhokhele; babesebeyahlakazeka ngemumva kokuthi abomkhandlu bekhulume nabo,” kusho uGwala.
Kanti umkhandlu weZululand ubungakaphawuli ngaloludaba lwamazi.

The community burns trees to prevent access to the area.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button