communityLocal newsNews

Ivalwe ngeZwi inyanga yabesifazane

Umculo omnandi nokudla kwendlebe okunohlonze kweZwi lenkosi kushiye abazalwane bebusisekile ngesikhathi kunenkonzo yokuvala inyanga yabesifazane eSithembile.

Inkonzo yenyanga yabesifazane ivalwe ngenothi eliphezulu eSithembile ngenkathi uThami Mgazi ongumququzeli walenkonzo emema onke amabandla angamele indawo yaseSithembile ukuba ezodumisa ndawonye abonge ukubaluleka kwenzala bantu. UMfundisi uMgazi obambe igalelo elikhulu ekuvuseleleni imiphefumulo yabazalwane ngokwenkolo lapho ebambakhona izinkonzo ezifana nalena. Lezinkonzo zihlanganisa abafundisi, ababhishobhi kanye nabavangeli bamabandla ehlukene ukuzokhulekela iSithembile.

Amabandla ehlukene ebehlangane kulenkonzo yokuvala inyanga yabesifazane ukuzobonga igalelo labo ezimpilweni zabantu.
Amabandla ehlukene ebehlangane kulenkonzo yokuvala inyanga yabesifazane ukuzobonga igalelo labo ezimpilweni zabantu.

 


Kule nkonzo yangesonto lomhlaka August 31 uMfundisi uButhelezi wasendaweni yasoLundi uyena obengumshumayeli wosuku. Ushukumise ibandla ngesikhathi ehlaziya izimpilo zethu ecaphuna kwincwadi kaJeremiya, ikhasi leshumi nesihlanu (50), ivesi leshumi nanhlanu (25). Entshumayelweni yakhe uchaze wathi, uma indlu yezikhali ivuliwe kuchaza ukuthi kunempi ekhona ngakho umuntu kumele azilungiselele ngesikhali esizomqobisa. 
Uzibale zanhlanu izikhali wathi isikhali sokuDumisa, iZwi, ukuThandaza, ukuZila ukudla, kanye nokuNikela. Ube esexwayisa ibandla ukuthi kumele umuntu azi uhlobo lwempi ayilwayo kanye nesikhali ekuyisona azolwa ngaso leyompi, nokuthi impi engakanani azoyilwa. 
Uthi inkinga ekhungethe abantu ukuthi banaka ukuthi omunye umuntu wenzani bese efuna ukufana naye akhohlwe ukuthi ‘sonke silwa izimpi ezingafani futhi namalevels ezimpi zethu kawafani’.

UMfundisi ukhuthaze abazalwane ukuba bazijwayeze ukukhuleka ngoba "mawukhuleka usuke utshala kuNkulunkulu."
UMfundisi ukhuthaze abazalwane ukuba bazijwayeze ukukhuleka ngoba “mawukhuleka usuke utshala kuNkulunkulu.”

 


UMfundisi uNgcobo yena ugqugquzelele indaba yokukhuleka kuNkulunkulu. Uthi, “UJehova ukufuna unjengoba unjalo akadingi ukuthi uze ubeyinto ethize ukuze akwamukele, kepha yena ukufuna uyilokhu uyilento oyiyona.”
Uqhube wathi uma usunoJesu ngaphakathi kuwena yonke into oyenzayo iyabonakalisa ukuthi usubuswa umoya oyingcwele. Unxuse abazwalwane ukuba bangawathatheli phansi amandla omkhuleko ngoba uthi “mawukhuleka usuke utshala, uNkulunkulu ukunika lokhu ekutshalayo. 
Nakanjalo uma ungathandazi akusho ukuthi ngeke kube khona izinto ezenzekayo, kodwa kuzoba yilezo ongazifuni,” kuchaza uMfundisi Ngcobo.
Phakathi kwezihambeli kulenkonzo bekukhona noProfesa Thulani Xaba, nabanye abaningi bezothamela lenkonzo. 
Bekhukhona nebandla lamaZion iChrist Revival Ministry. Inkonzo ibusiswe ngomculo omnandi iqembu elisha i-‘Intense Praise’ elisanda kukhipha i-alibhamu.

Related Articles

Back to top button