communityLocal newsMandela DayNewsSchools

Isikole sithenga amanzi amahhala ngo R400

Isikole iSilutshana Primary asisalelanga emuva kubungazwa imizuzu engu67

Nawe Silutshane awumncinyane, abezemfundo bazwakalise ukuthi izikole kuzomele zibungaze usuku lukaMandela imizuzu engu 67 njengoba umhlaba walibungaza ngomhlaka 18 kwephezulu.
Isikole iSilutshane Primary endaweni yase Silutshane eNquthu naso besingazibekile phansi sibungaza lolusuku olubungazwa umhlaba wonke. Nanxa inkinga yokuswela amanzi ingakaxazuleki. Imibiko iveza ukuthi lesikole sithenga amanzi elolini ngo R400.
Uma ufika ukulesasikole ungafunga ukuthi kusesikoleni sasedolobheni noma elokishini ngendlela esiyiyo sihlanzekile, sinothishela ababambisene nothishanhloko wakhona kanye nabazali. Izinga lakhona lokuphasa kuphawula uthishanhloko uSithole uthe alibi ngaphansi kuka 90% okuyinto enhle nencomekayo kakhulu. 
Usuku lwabo lemizuzu engu 67 balibungaze ngokupenda isikole sabo kabusha ngopende abawuthenge ngamali engu R5 000 ekhishwe i-Governing Body. USphindo Ntshangase kanye nabanye babazali baphawule ngokuthi bengakujabulela ukuthi isikole sabo sithole ama-computer ukuze kuthuthukiswe izinga lobuchewpheshe.
Kukhalazwe ngokungabikho kwamanzi esikoleni, abanawo bayawathenga emotweni ewadayisayo abangathandanga ukuyisho ukuthi ngeyakuphi leyomoto.
Kuthiwa bawathenga ngo-R400 abaqhube izinyanga ezimbili kuya kwezintathu, asetshenziswa ngabantu abangu 386. Lesisikole sinabantwana abanamakhono amangazayo futhi ngeke usho ukuthi ngabasemakhaya. Isikole sabo siyaphumelela emidlalweni esiyidlalayo futhi bathola noxhaso lwamabhola, amajezi kanye nokwama high jump. Siphinde sibe nomtapowolwazi.

Related Articles

Back to top button