communityLocal newsMunicipalNews

Udaba lokutshontshwa kukagesi eSithembile lusaqhubeka

Umasipala waseNdumeni uphinde wabamba umhlangano nomphakathi waseSithembile ukuzodingida ngodaba lukagesi.

Umasipala waseNdumeni uphinde wabamba umhlangano nomphakathi waseSithembile ukuzodingida ngodaba lukagesi. Lomhlangano ububanjelwe ehholo lomphakathi khona eSithembile ngoLwesine ntambama. IKhansela lakulendawo uLungile Mbhele ubehambisana nebamba lika Mgcini zimali (CFO) uNksz B Mkhize osanda kungena esikhundleni kumasipala waseNdumeni. Bebezonxenxa uphakathi ukuba uphumele obala uzozibika kwamasipala ngodaba lokuntshontshwa kukagesi bese ukhipha uR100 oyinhlawulo. Emva kwalokho ube usufakelwa isigubhu esisha sikagesi. Lomkhuba osuneminyaka wenzeka kulendawo yeseNdumeni. Kulomhlangano kuphindwe kwabalulwa uhlelo luka 50/50 lolu omphakathi ongafuni kuzwa ngalo abathi aluqedwe-nya kodwa ithimba lika mngcini zimali lithe loluhlelo okwamanje lusamisiwe kuze kuba kuyabonakala ukuthi umasipala uzokwazi yini ukumelelana nalenkinga kagesi.


UNkz T Khumalo oyi Senior Clerk kwi Department of Housing uchaze uhlelo luka 50/50 njengohlelo umuntu ‘angaphoqelekile ukuba alwenze kuphela uyazikethela wena.’ Uthe lungenye yezindlela umuntu azikhethela zona kwamasipala ukuze akwazi ukukhokhela ama-rates kanye namanye ama-services kamasipala okubalwa kuwo ukuthuthwa komgqomo. 


UNksz Khumalo uthe umuntu angakhetha ukwenza u50/50 okanye akethe ukukhokhela ama-rates akhe enyange bese ethola ugesi wakhe unjengoba unjalo. “Loluhlelo luka 50/50 lwalwenzelwe labo abangakwazi ukukhokha ama-rates abo enyanga bese kuba ukuthi uma umuntu ezothenga ugesi ubesewuphulwa phakathi bese le enye inxenya iyovala lesosikweletu. 


“Uphinde wakhumbuza umphakathi ukuba umkhandlu waseNdumeni uzimele ngakho ukubhadalwa kwama-rates ikona okulekelela lomkhandlu ukuba usebenze. UNksz Mkhize uthi umkhandlu uthathe isinqumo sokusula izikweletu zenani lika R18 million yaleyomizi ebikweleta imali elinganiselwa ku R500 000 kuya phansi. “Yonke leyomizi izikweletu sezisuliwe,” kuchaza u Nksz Mkhize. Ucela umphakathi ukuba ugcwalise ifomu loxhaso ezolekelela umasipala ukuthi ukwazi ukulekelela makunesidingo labobantu abangakwazi ukukhokha izikweletu zabo. Uthi uma sekugcwalisiwe lamafomu ilapho kuzobonakala khona ukuthi bangakanani abantu abadinga usizo eNdumeni bayobe bona njengomkhandlu sebecubungula ukuba bangalekelelwa ngayiphi indlela.


Banxuse ukuba abantu bajwayelane namahhovisi omkhandlu ukuze bazothola ulwazi okuyilona bangezwa ngabanye abantu.
Labo abantshontsha ugesi bayaxwayiswa ukuba bazoziceba kungakashayi umhlaka 1 Septhemba lapho umuntu ezokhokha imali engu R100 nje vo.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button