Editor's choiceLocal newsNews

Abafundi balekelelwa ukuthola omazisi

Home Affairs has set up a national project to give school-leavers a 'leg up' by ensuring that they have identity documents

Abafundi balekelelwa ukuthola omazisi UMnyango wezaseKhaya ususungule umklamo wokulekela abafundi asebezophothula umatikuletsheni ngokuqinisekisa ukuthi baba nomazisi (ID cards), ukuze bakwazi ukubhalisa ezikhungweni zezemfundo ephakeme noma uma bethungatha imisebenzi.

Ngesonto eledlule, uMnyango wezaseKhaya eDundee oku Willson Street, ulekelele abafundi abangama 60 abebevela esikoleni samabanga aphezulu, iDundee Secondary ekutheni babhalisele ukuthola omazisi.

UNksz Thola Sithole ovela kuwo lomnyango uthe ukuba nomazisi kuyinzuzo enkulu kubafundi, “Izikole izingaphansi ko Umzinyathi District sezinikeziwe izinsuku ezikhethiwe lapho abafundi abaneminyaka engama 16 bezokwazi ukuza bezobhalisela ukuthola omazisi. Siyabasiza ukuze lenqubo isheshe futhi ibelula”. Wengeze ngokuthi abafundi besikole esixubile, Ethangeni Combined kanye nesikole samabanga aphezulu,

Talana High nabo sebe dlulile kulenqubo. “Sigqugquzela zonke izikole zamabanga aphezulu ukuthi zixhumane nathi ukuze sikwazi ukwelekelela”, kuchaza uSithole.

USiphiwe Gabela ofunda umatikuletsheni eDundee Secondary uthe, uyibone lenqubo njengethokozisayo; wathi ngenjoba ezimisele ukuyofundela ezobunginiyela bukagesi kulonyaka ozayo, “Ukuba nomazisi kuzongivulele iminyango namathuba”.

Abanye abafundi abebekhona, uNokwanda Mncube ofuna ukuba udokotela kanye no Zama Ngidi ofuna ukushayela amabhanoyi bagqugquzele abafundi bakwezinye izikole ukuthi babhalisele ukuthola omazisi ngaphambi kokuthi baqede esikoleni. Ukuthola olunye ulwazi thintana namahhovisi oMnyango wezaseKhaya kule nombolo, 034-212-5441 ngezikhathi zomsebenzi, ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu phakathi kuka 08:30 no 15:30.

Related
Home Affairs extends its operating hours before schools reopen


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394

Related Articles

Back to top button