communityElections 2014News

Intsha ibonga omama esontweni iPresbyterian

Usuku oluhle kwimbokode

Bangene behuba ingoma omama endlini yesonto lapho itafula ebelidekelwe bona ligcwaliswe ngezibiliboco zokudla. Phela bekubungazwa usuku lomama esontweni iPresbyterian ezinze eSithembile.
Bangene behuba ingoma omama endlini yesonto lapho itafula ebelidekelwe bona ligcwaliswe ngezibiliboco zokudla. Phela bekubungazwa usuku lomama esontweni iPresbyterian ezinze eSithembile.

Usuku lomama obelubungazwa ngesonto lomhlaka 11 May lube ngoluhle esontweni i-Presbyterian Church of Africa eholwa ngaphansi kwesekethe i-NJ Sibiya Memorial, njengoba intsha yakulelisonto yenzele omama bebandla umcinjana wokubabonga ngalolusuku lwabo. Lolusuku lomama belubungazwa umhlaba wonke jikelele. Intsha yakulelisonto ithole nethuba lokuphinde inikezele ngesipho uBaba T Mgaga wakulelibandla obeshada ngenyanga endlule bemhalalisela ngokuthatha kwakhe. Kube injabulo komama ukuba bebungazwe ngaloluhlobo njengoba bebengazi ukuthi kukhona abenzelwe kona. Babonge bangcogcoza ngalokhu. nabathe kuyabonisa kubona ukuthi babaluleke kangakanani ezimpilweni zabo. Intsha kanye nabaphathi bakulelibandla elizinze eSithembile bakhala ngokungabhekelelwa kwamabandla afana naleli njengoba besontela esikoleni. Bathi bacela ukuba umkhadlu ubabhekelele nabo ngezindawo okanye bakhelwe izindlu ezingconywana zokusontela ukuze bangabe besasontela ezikoleni kwazise namakilasi abasontela kuwona mancane kakhulu.

Related Articles

Back to top button