communityLocal newsNews

Kwelulwe isandla kobesehlale iviki emakhazeni

Kubongwa osomabhizinisi bendawo ngokulula isandla

Umndeni wakwa Dlamini eStratford Farm umbozwe ifu elinyama njengoba ubhuti walelikhaya, uMyekeni Dlamini, ebashiye emhlabeni.
Ubashiya nje,’nekati lilele eziko’ kulomndeni abazi ukuthi kuzohlanganiswa ini nani ukuze bazokwazi ukumfihla. Lo mndeni uphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni sabantwana ababili kuphela, isimo sibi impela.
Ubhuti ushona nje ubekade eboshiwe ngecala lokweba. Ngokusho kuka Mamncane wakhe uNksz Kwenzekile Dlamini uthi umufi uqale ukugula esejele nakuba ebebonisa ukuthi ngathi impilo ayisekho ncamu kodwa ubengemubi.
Kuvele ukuthi ekhadini lasesibhedlela lika Myekeni kuyakhombisa ukuthi ngaphambi kokuba aboshwe ubeya ukuyolanda imishanguzo esibhedlela.
Amakomidi ewadi uMuz Mncube kanye noNksz Sithole badlale indima enkulu ngokuba baxhumane noKhansela waleli Wadi uLungile Mbhele kanye neMeya yoMkhandlu uThulane Mahaye, benxusa uxhaso lokuba kulekelelwe umndeni wakwa Dlamini ufihle ithambo lawo.
NoMnuz Preshu naye ubekhona ukulekelela ekufuneni uxhaso.
Babe sebexhumana nosomabhizinisi bendawo nabaphose esivivaneni banikezela ngamaphasela okudla kulelikhaya. Ngaphandle kwesitolo sakwa-Boxer Superstores kanye ne Ikhoporasi ngabe umufi ekagcwatshwanga ngesizotha.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Stay in the know. Download the Caxton Local News Network App here.

Related Articles

Back to top button