LettersOpinion

Akuvezwe ama-list ezakhamuzi zase-Farm Doctor

Mhleli, Ngithi angiqwashise izakhamuzi ezasuswa e-Farm Doctor nase Thalana ukuba ziqaphele kakhulu mayelana nokuntshontshwa kwezinombolo zabo ngenhloso yokwenza inkohlakalo. Niyanxuswa ukuba niyohlola amafayela enu kwamasipala ukuthi akusebhalisiwe yini abantu eningabazi. UMnyango wezemihlaba kanye nekomiti abeze nama-list kubizwe bonke ababhalisile ukuze kuzotholakala ukuthi bafanele yini. Kumele i-list ivezwe obala ukuze kuzobonakala lokukuganga okubhidlangile. Akumele ikomiti lenqabe …

Mhleli,
Ngithi angiqwashise izakhamuzi ezasuswa e-Farm Doctor nase Thalana ukuba ziqaphele kakhulu mayelana nokuntshontshwa kwezinombolo zabo ngenhloso yokwenza inkohlakalo. Niyanxuswa ukuba niyohlola amafayela enu kwamasipala ukuthi akusebhalisiwe yini abantu eningabazi.
UMnyango wezemihlaba kanye nekomiti abeze nama-list kubizwe bonke ababhalisile ukuze kuzotholakala ukuthi bafanele yini. Kumele i-list ivezwe obala ukuze kuzobonakala lokukuganga okubhidlangile. Akumele ikomiti lenqabe nalama-list. Akungacashwa ngo (phase 3), ababhaliswe bonke abantu abafanele kungasali ngisho noyedwa.
Ngomunye wezakhamuzi ezihlukumezikile ezasuswa e-Farm Doctor

Related Articles

Back to top button