Local newsNews

Usethole iziqu zobungoma ophuma ophehlweni

Abelaphi bendabuko basebenza endaweni yokuphilisa engcwele noma i-indumba, lapho bakholelwa ukuthi okhokho babo bahlala khona.

Umncimbi wokubuya ophehlweni wa-Nokuthula Majola uhambe ngendlela.

Ukuthwasa inqubo eqhutshwa ngumuntu obambe ubizo kusuka kokhokho bakhe ukuba abe ngumphilisi. Abelaphi bendabuko sebebekhona amakhulu eminyaka emphakathini wase-Afrika. Ubizo kuqondwa ukuthi luvela kokhokho abangasekho.

UNokuthula uhambe lendlela yobizo kusukela ku Zibandlela wonyaka odlule, ethwasela e-Emdoza endaweni yase Newcastle, ethwasela kugobela wakhe uMasikisiki.

“Ngifisa ukudlulisa ukubonga okukhulu kuMakhosi Sibiya ongu Gobela Masikisiki, sihambe indlela ende naye enzima futhi sabambisana noNkulunkulu ekhona emuhle wasilonda. Ngiphinde ngibonge kodade nobuti basedlozini ngokungeseka nomdeni wami wegazi nawo ngiyawubonga kakhulu,” kusho uNokuthula.

Lomsebenzi awenzile ubephothula ukuthwasa kwakhe, usezokhona ukusiza abantu ngemithi yesizulu. Izangoma zibizwa ukuthi zizophulukisa, futhi ngazo kuyakholelwa ukuthi amadlozi asemhlabeni womoya anganikeza imiyalo nezeluleko zokuphulukisa ukugula, ukuphepha kwezenhlalo nobunzima obungokomoya.

Abelaphi bendabuko basebenza endaweni yokuphilisa engcwele noma i-indumba, lapho bakholelwa ukuthi okhokho babo bahlala khona.

ALSO READ: ‘Idlozi livumile’ kusho uNokuthula Majola


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button