communityCommunity galleriesGalleriesLocal newsNews

Abefundisi bathweswe iziqu zezenkolo eNquthu

Umsunguli walesikole u-Dr Chief Mncube, uthe i-New Agreement iyibandla lamaZayoni elivulele wonke amaKrestu ukuba ahlanganyele ndawonye ngemfundiso yezenkolo.

Bekukuhle kudelile e-VA Makhoba Hall, eNquthu, ngeSonto ngenkathi kuthweswa iziqu abefundisi, abavangeli kanye nabashadisi ngaphansi kwe-Durban Bible School edume ngokwebandla i-New Agreement.

 
Ihloso yalelidili lomcimbi bekungukuthula ngokusemthethweni igatsha lalesisikole endaweni yaseNquthu elizobizwa nge-New Agreement Ministries Board, Durban Bible School (Nquthu Branch). Lesikole sizinze eMgazi Full Service School. Ngonyaka ozayo bathe balindele noma ubani othandayo azohlanganyela.

 
Ngokusho kuka Dr FN Zondi, onguMfundisi aphinde abe nguthishela egatsheni laseNquthu, uthe umcimbi wokwethulwa kwaleligatsha wawuhlelelwe inyanga ka-May, kodwa wahlehliselwa imanje ukuze kube idili elihlanganisa nokunikezelwa kwabafundi balonyaka iziqu zabo.

Abafundi kade bethweswa iziqu. Kuthweswe nababhishophi ababili iziqu Zabo abagqoke okububonde.
Abafundi kade bethweswa iziqu. Kuthweswe nababhishophi ababili iziqu Zabo abagqoke okububonde.

Uphinde waveza ukuthi nakuba lesikole sigunyazwe ukuqala kwalonyaka kodwa kudala saqala ukufundisa eNquthu. ” Lesikole sesisize abafundisi abaningi ukuba bathuthuke ngokolwazi lwezenkolo bangazitholi benhlanhlatha njengabefundisi bamanga abagcwele ngaphandle,”kusho uDokotela Zondi.

 
U-Dr Bishop FN Zondi, egqugquzela abafundi kulomcimbi uthe, akukhanye ukukhanya kwenu phambi kwenu.Uqhube wathi izwi lenkosi lithi ngobude bendlela kukhona abayophelelwa amandla ezinhliziyweni,”thina asibadingi abaphelelwa amandla.”

 
Umsunguli walesikole u-Dr Chief Mncube, uthe i-New Agreement iyibandla lamaZayoni elivulele wonke amaKrestu ukuba ahlanganyele ndawonye ngemfundiso yezenkolo.

Abafundi akade bethweswa iziqu. Kuthweswe nababhishophi ababili iziqu zabo abagqoke okububende.
Abafundi akade bethweswa iziqu. Kuthweswe nababhishophi ababili iziqu zabo abagqoke okububende.

Uthi bahluke kakhulu ngoba bonke abafundisi abafunda kulesikole bayaphumelela. Kwa-Zulu Natal. Uthi uMncube baningi abafunde lapha kukhona ngisho nabebala elimhlophe .

 
Umphathi wohlelo ukugcizelelile ukuthi i-New Agreement iyisikole samaKrestu onkana futhi asibandlululani.

 

Obeyisikhulumi sosuku u-Dr Archbishop Mdlalose, wase Mvunyane, ethula inkulumo yakhe uthe kubafundi “vumelani ukuphathwa, nihloniphe abaholi benu ningathi abafundile.Nina nimelelwe ukuba nilungise la niphuma khona, asikhandi imbazo kepha silola imbazo ebivele ikhandiwe.”

 

Ubeke kwacaca ukuthi, kumele bazi ukuthi baphethe amademu okumele bayoncelisa ngawo amabandla abo.

 

Uthi bangancelisi amanga, ubomvu, ukungcola kanye nokungesikho futhi bahlukane nempakamo ngoba akafuneki umholi ongafuni ukuphathwa.

 
I-New Agreement okanye i-Durban Bible School yasungulwa ngu-Dr Chief Mncube eThekwini onguMqondisi jikelele kulelibandla. Igatsha laseNquthu eselivele lisebenza lona liholwa ngu Dokotela, (Archbishop) Zondi ophinde abe ngumfundisi wegatsha laseNquthu.

Related Articles

Back to top button