Spar Superstars Intshonalanga 2024

TOP BANNER 1

Vote for your favourite SPAR School Superstar

Help them win a R300 SPAR Shopping Voucher and put them in the running to win R5000 in the KZN SPAR School Superstar competition

Junior Primary June

Alwande Shoba

Ekujabuleni Primary School

Ubaqwaqwada amakhanda ozakwabo kuzifundo

Read More

U-ALWANDE Shoba ongumfundi wase-Ekujabuleni Primary School, ubaqwaqwada amakhanda ozakwabo kuzifundo okubalwa i-Englishi, iMaths ne-isiZulu.

Othisha bakhe bathi ungumfundi ohloniphayo futhi olusizo olukhulu kozakwabo uma bedinga okuthile mayelana nezifundo nokunye. U-Alwande oneminyaka yobudala eli-13, akaconsi phansi kothisha bakhe ngokukhalipha kwakhe.

Kusuka engine kulesikole u-Alwande usezuze izindondo nezitifiketi ezihlukene ngenxa yokuphumelela ngamalengiso kuzifundo ezihlukene.

Lomfundi uthi isifiso sakhe uma esephothule umatikuletsheni ukwenza izifundo zokuba umluleki wengqondo kwesinye sezikhungo zemfundo ephakeme kuleli. “Ngiyacabanga ukuthi into eyenze ngiphumelele ngamalengiso kulezifundo ukuthi ngiyalalela uma uthisha efundisa kanti futhi ngiyabuza kuthisha uma kukhona lapho ngingaqondi khona,” kusho u-Alwande.

Uthe isizathu sokuba athande ukuba iPsychologist ukuthi ufuna ukulwa nesibalo esiphezulu sabantu abazibulala ngenxa yezingqinamba zempilo ezihlukene. U-Alwande uthe: “Abantu bakithi babhekene nezingcindezi nokhwantalala. Ngakhoke bayadinga ukuba bathole ukwalulekwa ngokwengqondo ukuze bezokwazi ukuqhubeka nokuphila zikhona izingqinamba zempilo.”

Lomfundi uveze ukuthi inhloso ukunikeza usizo kwabaphanjanelwa ingqondo kanjalo nokubanika uthando abalidingayo. U-Alwande uma engayile esikoleni uthe wenza imisebenzi yesikole yasekhaya, afunde bese enza nemisebenzi yasekhaya.

Ubonge othisha bakhe ngolwazi olumuvula ingqondo nabazali bakhe ngokumsiza uma edinga usizo ngemisebenzi yesikole. Isinqumo sokuba iPsychologist asibamangazi othisha njengoba lomfundi ekhombisa ukukhalipha okumangalisa kuzifundo zakhe.

High School June

Sakhumuzi Biyase

Sithokozile Secondary

Wenza ezibukwayo kuSayensi nakuCAT

Read More

AKACONSI phansi kothisha nakozakwabo uSakhumuzi Biyase ongumfundi waseSithokozile Secondary School, KwaDabeka, ngokuqwaqwada ozakwabo kuzifundi okubalwa iPhysical Science neComputer Application Technology (CAT).

USakhumuzi owaziwa ngokukhalipha ubuye enze ezibukwayo nakuChess okungomunye umdlalo azifelayo ngawo. Ngokusho kothisha bakhe, uSakhumuzi ongomunye wabadlali beChess abasemqoka kwiqembu lesikole.

Lo mfundi owenza uGrade 11, uthe isizathu sokuthanda iCAT ukuthi izinto eziningi esikhathini samanje sekusetshenziswa ikhompyutha. “ISayensi ngiyithanda ngoba iyakwazi ukunginika izixazululo kuzingqinamba zempilo. Ngingumfundi okuthandayo ukufunda futhi ofuna ukuphumelela empilweni yakhe. Ngifuna ukusebenzisa imfundo ukuze ngiphucule ikusasa lami kanjalo nelomndeni wami,” esho.

USakhumuzi uveze ukuthi iChess imufundise ukuthi aqale acabange ngaphambi kokuba athathe isinqumo ngento ethile. “Okunye engikufundiswe iChess ukuthi ngikwazi ukubekezela nokuhlonipha abanye abantu nokuthi ngingabathathi kancane. IChess ibalulekile ngoba ifundisa izinto eziningi ezidingekayo empilweni okufana nokuziphatha kahle, inhlonipho, ukucabanga ngaphambi kokuba uthathe isinqumo noksebenzisana nabanye abantu,” kusho lomfundi.

Leciko lithe uma seliphothule umatikuletsheni lifuna ukwenza izifundo zeMarine Biology ezimayelana nokufunda ngezilwane zasolwandle. “Ngingumuntu ozithandayo izilwane zasolwandle okubalwa amadolphin, oShaka, ofishi ukusho ezimbalwa. Kuyisifiso samu ukuba ngolunye usuku ngifunde kabanzi ngalezilwane engizithandayo ukuze ngisabalalisa ulwazi emphakathini,” kuqhuba uSakhumuzi.

Uthe uma engafundi ngezimpelasonto uthola isikhathi sokuthuthukisa ikhono lakhe lokudlala iChess ngenhloso yokuba umpetha kulomdlalo. Othisha bakhe bathi ulusizo kozakwabo uma kukhona abangakuqondi ezifundweni kanti futhi ufundisa abafundi baGrade 8 ukudlala iChess.

Andile Zikode

Sithokozile Secondary

Uzihambela yedwa ku-Accounting

Read More

U-ANDILE Zikode ongumfundi waseSithokozile Secondary School, KwaDabeka, udume ngokuhamba phambili kwabaphumelela isifundo i-Accounting esikoleni sakhe.

Lo mfundi owenza uGrade 11, uveze ukuthi isizathu sokuphumelela ngamalengiso lesifundo ukuthi kukhona omsizayo kubo uma kukhona lapho engaqondi khona. “Ukubakhona komuntu ongisizayo ekhaya ku-Accounting uma ngidinga usizo ikhona okwenza ngiphumelele ngamalengiso lesifundo. Ngiyasithanda lesifundo futhi ngiyasazi, kodwa uma khona lapho ngingaqondi khona nginikela kuyena angisize,” esho.

U-Andile uphinde angakaconsi phansi kozakwabo nakothisha ngekhono lakhe lokudlala ichess, nathi ukudlala lomdlalo sekumfundise okuningi waphinde wathola nokuklonyeliswa okuhlukene ngekhono lakhe. Leciko liveze ukuthi laqala ukuthanda iChess efunda uGrade 9 ngowezi-2012.

“Ukubona abangani bami bedlala iChess ikhona okwenza ngithande lomdlalo. Ngacela kubona ukuba bangifundise ukuyidlala kodwa banqaba. Ngasuka lapho ngayidownload ku-inthanethi ngazifundisa yona ngaze ngakwazi ukuyidlala,” kusho lomfundi.

Uthe u-Andile uthando lokudlala ichess lakhula kusuka lapho kuyena njengoba lusakhula nanamhlanje. “Ngigcine sengijoyina iqembu leChess lesikole lapho singenela khona imincintiswano ehlukene. IChess isingisize ngezinto eziningi okubalwa ukuqhamuka nezixazululo, ukuthatha izinqumo eziphusile nokukwazi ukuphila nabantu,” ebeka.

Uthe ngezimpelasonto uchitha isikhathi sakhe ngokuyofunda iChess nezinye izifundo ezihlukene eBuhlebemfundo Secondary School. Ngokusho kothisha bakhe, u-Andile ulusizo olukhulu kozakwabo uma bedinga usizo kuzifundo nakuChess.

U-Andile uthe isifiso sakhe ukwenza izifundo ze-Accountant kwezinye zezikhungo zemfundo ephakeme kuleli uma esephothule umatikuletsheni.  Uthe esinye isifiso sakhe ukudlalela iqembu lesizwe lechess ukuze ikhono lakhe lizobonwa emhlabeni jikelele.

Thank you for voting for your SPAR Superstar and for giving them a chance to win a SPAR Voucher

One junior/senior primary and one high school winner will be chosen based on the number of votes. Maximum of one vote per person. Look out for the SPAR Superstar winners in the Eyethu Intshonalanga July 23rd edition.

TOP BANNER 2
Back to top button