ZH103153

TERACO (PTY)LTD, JB2 KEMPTON PARK: NOTIFICATION OF NEW MAJOR HAZARD ESTABLISHMENT NgokoMtheshwana 4(4) weMithethonqubo yokufakwa kwezinhlekelele ezinkulu 2022 (GNR.2989 mhla zingama-31 ngoJanuwari 2023) yoMthetho wezeMpilo kanye nezokuPhepha eMsebenzini (uMthetho wesi 85 ka-1993 njengoba uchitshiyelwe), zesikhungweni i- TERACO (Pty) Ltd etholakala ku-14 Kiln Road, Isando eKempton Park, ngalokhu yazisa amaqembu anentshisekelo nathintekayo ukuthi ingena ngaphansi kwezinhlinzeko zemithethonqubo eshiwo ngenhla. Lesi sikhungo sigcina futhi sisebenzisa udizili omningi. Ngaphansi kwezimo zezingozi ezingavamile, ukusha kukadizili nokuqhuma kungase kube nomthelela omkhulu kubantu basesidlangalaleni ngokushesha ngaphandle kwendawo. Ukuhlola ubungozi be-MHI kwenziwe yi- Approved Inspection Authority. Ngokomthethonqubo ongaphansi wesi-4(4) umbiko wokucutshungulwa kobungozi uyatholakala ukuze ufundwe endaweni eku-14 Kiln Road, Isando eKempton Park phakathi kuka 9am – 2pm (ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu) NgokoMtheshwana 4(4) noma yimuphi umuntu onentshisekelo noma othintekayo angakwazi, ezinsukwini ezingama-60 kushicilelwe lesi sikhangiso, enze izethulo ezibhaliwe mayelana nokufakwa kuMasipala weDolobha lase-Ekurhuleni ukuze azicubungule. Iziphathimandla zendawo ezifanelekile: Mr. Pieter Rudolph
•Chief Fire Officer Disaster & Emergency Management Services (DEMS) Office No. 2, Boksburg Central Fire Station, Emergency Planning Building, 1 Adderley Street, Boksburg, 1400 Tel: +27 (11) 999 6108 Umuntu onomthwalo wemfanelo we-MHI eTeraco JB3: Mr. Vusikaya Matshoba
•MHI 3.1 Appointee Tel: +27 (11) 573 2800 Email: vusikaya@teraco.co.za

Reference Number: ZH103153

View All Classifieds View Legal Notices Entries

Back to top button